Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 6:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 khona kuyakuthi, uma onile aze abe necala, uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo, noma lokho okwakubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile akutholayo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Kuyothi uma onile, wabona ukuthi unecala, akubuyisele lokho abekwebile, nakudlileyo, noma obekubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile, wakuthola;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Khona-ke kuyakuthi, ngenxa yokuthi wonile futhi unecala, kufanele abuyisele lokho akuthathile ngamandla, noma lokho akuthole ngobuqili, noma lokho akuphiwa ukuba akugcine, noma okulahlekile akutholile,

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 6:4
20 Referans Kwoze  

Ngalolo suku ngiyakuhambela bonke abeqa umbundu, begcwalisa indlu yamakhosi abo ngobudlova nangenkohliso.


Bafisa amasimu, bawadluzule, nezindlu, bazisuse; bacindezela indoda nendlu yayo, umuntu nefa lakhe.


“Ngokuba abakwazi ukwenza okulungileyo,” usho uJehova; “babekelela ubudlova nokuphanga ezindlini zabo zamakhosi.”


Uyise, ngokuba wacindezela nokucindezela, waphanga nokuphanga umfowabo, wenza okungekuhle phakathi kwabantu bakhe, bheka, yena uyakufa ngokona kwakhe.


icindezela abampofu nabaswelayo, iphanga nokuphanga, ingabuyisi isibambiso, iphakamisa amehlo ayo ezithombeni, yenza izinengiso;


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;


Ubulembu babo abuyikuba yizingubo, futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo; isenzo sendluzula sisezandleni zabo.


Imincele iyasuswa; bahlwitha imihlambi, bayiklabise.


Ngokuba ucindezele, washiya abampofu; uhlwithile indlu, angabuye ayakhe.


Kepha u-Abrahama wamsola u-Abimeleki ngomthombo wamanzi ebeziwuqhwagile izinceku zika-Abimeleki.


Oshaya inkomo ize ife uyakuyikhokha, kube ngukuphila ngokuphila.


Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa.


uyakuvuma isono sakhe asenzileyo, alikhokhe icala lakhe ngokupheleleyo, athasisele kukho okwesihlanu, akunike lowo abenecala kuye.


yena lo mubi abuyise isibambiso, akhokhe ayekuthathile, ahambe ngezimiso zokuphila, angenzi okubi, uyakuphila nokuphila, angafi.


Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova.


yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu,* ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.


Ake nibuyisele namhlanje amasimu abo, nezivini zabo, neminqumo yabo, nezindlu zabo, nenxenye yekhulu yemali, neyamabele, neyewayini, neyamafutha enikubiza kubo kube yinzalo.”


Lapho bephumela egcekeni elingaphandle, igceke elingaphandle labantu, bayakukhumula izambatho zabo abakhonza ngazo, bazibeke emakamelweni angcwele, bembathe ezinye izingubo, funa bangcwelise abantu ngezambatho zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite