Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 5:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 noma umuntu ethinta into engcolileyo, noma isidumbu sesilo esingcolileyo, noma isidumbu senkomo engcolileyo, noma isidumbu sesilwanyana esikhasayo esingcolileyo, kumsithele, engcolile nokho, woba necala.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Noma ngubani othinta noma yini engcolileyo, kungaba yisidumbu sesilwane esingcolileyo, noma yisidumbu semfuyo engcolileyo, noma yisidumbu sesilwane esinwabuzelayo esingcolileyo, engasibonanga, nokho uyoba ngongcolileyo, abe necala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Noma umphefumulo uthinta into engcolile, noma isidumbu sesilwane esingcolile, noma isidumbu senkomo engcolile, noma isidumbu sesilwane esinwabuzelayo esingcolile, futhi kuthukuthekile kuye, uyakuba ngongcolile, abe necala.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 5:2
16 Referans Kwoze  

“Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.


nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.


Wayesethi uHagayi: “Uma ongcolile ngesidumbu ethinta noma yikuphi kulokhu, kuyakungcola na?” Abapristi baphendula bathi: “Kuyakungcola.”


Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.


“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


“Maye kinina, ngokuba nifana namathuna angasabonakaliyo, nabantu abahamba ngaphezu kwawo bengawazi!”


Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.


Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.


Nanxa umuntu ethinta into engcolileyo, ukungcola komuntu noma isilwane esingcolileyo noma into engcolileyo enengekayo, adle inyama yomhlatshelo weminikelo yokuthula engekaJehova, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


“ ‘Noma umuntu efunga ngamawala ngomlomo wakhe ukwenza okubi nokuba ukwenza okuhle, noma yikuphi umuntu angaphahluka ngakho ngesifungo, kumsithele, lapho esekwazi woba necala kokunye kwalokho.


“ ‘Uma-ke yonke inhlangano yakwa-Israyeli iduka, leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,


“ ‘Noma ethinta ukungcola komuntu, nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.


Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.


Lokhu umuntu ongcolileyo akuthintayo kuyakuba ngokungcolile; umuntu okuthintayo uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite