Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 5:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Uma umuntu ona lapho ezwa izwi lesifungo, engufakazi wokuthile, noma ekubonile noma ekwazi, engakusho nokho, khona wothwala ububi bakhe;

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “ ‘Uma umuntu ebiziwe ukuba ethule ubufakazi obufungelwe ngalokho akuzwile, athi noma ekwazi ukubethula ubufakazi njengomuntu obonile noma olwaziyo udaba, kodwa athule angakhulumi, lowo uyothwala icala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma umuntu ona, ezwe izwi lesiqalekiso, engufakazi, noma ebonile noma ekwazi; uma engakhulumi, uyakuthwala ububi bakhe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 5:1
22 Referans Kwoze  

“Uma umuntu ona, enza noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, noma ebengakwazi, unecala nokho, futhi wothwala ububi bakhe.


Ohlanganyela nesela uzonda umphefumulo wakhe; uyezwa isifungo, kepha akasidaluli.


Kepha uJesu wathula. Wayesethi kuye umpristi omkhulu: “Ngikufungisa uNkulunkulu ophilayo ukuba usitshele uma unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu.”


yilowo nalowo owudlayo uyakuthwala ububi bakhe, ngokuba udumazile okungcwele kukaNkulunkulu; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.


Bheka, yonke imiphefumulo ingeyami, umphefumulo kayise njengomphefumulo womntwana; ingeyami; umphefumulo owonayo uyakufa.


“Uma umuntu ona umakhelwane wakhe, athweswe isifungo sokumfungisa, abeseza ukufunga phambi kwe-altare lakho kule ndlu,


Kepha umuntu ohlambulukileyo, engekho ekuhambeni, oyeka ukulenza iphasika, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba akanikelanga ngomnikelo kaJehova ngesikhathi esinqunyiweyo; lowo muntu uyakuthwala ububi bakhe.


“ ‘Uma umuntu ethatha udadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina, abone ubunqunu bakhe, naye abone ubunqunu bakhe, kuyihlazo; bayakunqunywa phambi kwabantwana babantu bakubo; wambulile ubunqunu bukadadewabo; uyakuthwala ububi bakhe.


Kepha uma engazihlanzi, angagezi umzimba wakhe, uyakuthwala ububi bakhe.’ ”


yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni siphile ekulungeni, oyena imivimbo yakhe naphulukiswa ngayo;


Umphefumulo owonayo uyakufa; indodana ayiyikuthwala ukona kukayise, uyise angathwali ukona kwendodana; ukulunga kolungileyo kuyakuba phezu kwakhe, nobubi bomubi buyakuba phezu kwakhe.


Ngokuhlupheka komphefumulo wayo iyakukubona, yaneliswe. Ngokwazi kwayo inceku yami, elungileyo, iyakulungisisa abaningi, ithwale izono zabo.


funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: ‘UJehova ungubani na’ ” funa ngibe mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.


Ngokuba iziphambeko zami zeqile phezu kwekhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangisinda.


Yayisithi kuye inkosi: “Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?”


Yayisithi kuye inkosi: “Ngiyakukufungisa izikhathi ezingaki ukuba ungakhulumi lutho kimi ngaphandle kweqiniso egameni likaJehova na?”


Yena wathi kunina: “Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha.” Unina wathi: “Mayibusiswe nguJehova indodana yami.”


“Uma umuntu esenza isiphambeko, one kungengamabomu ezintweni ezingcwele zikaJehova, woletha kuJehova umnikelo wakhe wecala, inqama yasemhlambini engenasici njengokulinganisa kwakho namashekeli* esiliva ngokweshekeli lendlu engcwele, ibe ngumnikelo wecala,


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,


kuyakunquma isifungo sikaJehova phakathi kwabo bobabili sokuthi akasifakanga yini isandla sakhe empahleni yomakhelwane wakhe; umniniyo uyakusamukela isifungo, angayikhokhi.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite