Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 4:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 uma kungumpristi ogcotshiweyo owone kanjalo, aze ehlisele abantu icala, wonikela kuJehova ngesono sakhe one ngaso iduna elingenasici, kube ngumnikelo wesono,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uma umpristi ogcotshiweyo ona njengesono sabantu; woletha kuJehova iduna elingenasici, libe ngumnikelo wesono ngesono sakhe one ngaso.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 4:3
32 Referans Kwoze  

Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


wathi ku-Aroni: “Mawuzithathele ithole lenkunzi, libe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa, okungenasici, unikele ngakho phambi kukaJehova.


lapho isono abone ngaso sesaziwe, ibandla liyakunikela ngeduna libe ngumnikelo wesono, lililethe phambi kwetende lokuhlangana.


ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe.


Abathunjwa abaphuma ekuthunjweni banikela ngeminikelo yokushiswa kuNkulunkulu ka-Israyeli eyizinkunzi eziyishumi nambili ngaye wonke u-Israyeli, nezinqama ezingamashumi ayisihiyagalolunye nesithupha, namawundlu angamashumi ayisikhombisa nesikhombisa, nezimpongo eziyishumi nambili zibe ngumnikelo wokona; konke kwakungumnikelo wokushiswa kuJehova.


Ngokuba lokho okwehlula umthetho, ngokuba ungenamandla ngenxa yenyama, wakwenza uNkulunkulu ngokuthuma iNdodana yakhe ifana nenyama yesono, nangenxa yesono walahla isono enyameni,


Uyakunika abapristi bamaLevi abozalo lukaSadoki, abaseduze kimi, isho iNkosi uJehova, ukuba bangikhonze, iduna libe ngumnikelo wesono.


Wothabatha igazi elise-altare namafutha okugcoba, ufafaze ngakho u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe, abe ngcwele yena nezambatho zakhe, namadodana akhe nezambatho zamadodana akhe.


Kepha inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyakukushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu;* kungumnikelo wesono.


Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


Bathabathe iduna nomnikelo walo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha; nelinye iduna uyakulithabatha libe ngumnikelo wesono.


U-Aroni wonikela ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana, ahlabe inkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe.


U-Aroni kanikele ngenkunzi yomnikelo wesono engenxa yakhe, azenzele yena nendlu yakhe ukubuyisana.


Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.


uyakuletha umnikelo wecala lakhe kuJehova ngesono sakhe one ngaso, insikazi yasezimvini, imvu noma imbuzi, kube ngumnikelo wesono, umpristi amenzele ukubuyisana ngesono sakhe.


U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”


wangena kanye kuphela endaweni engcwele, kungengegazi lezimbuzi nelamathole kepha ngegazi lakhe, ezuzile ukukhululwa okuphakade.


Umpristi ogcotshiweyo wothabatha igazi lenkunzi, alilethe ngasemnyango wetende lokuhlangana,


uma-ke yaziswa isono sayo eyone ngaso, iyakuletha umnikelo wayo ube yimbuzi, eyeduna elingenasici.


uma aziswa isono sakhe one ngaso, woletha umnikelo wakhe wembuzi, insikazi engenasici, ngesono sakhe one ngaso.


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


Baletha izinkunzi eziyisikhombisa, nezinqama eziyisikhombisa, namawundlu ayisikhombisa, nezimpongo eziyisikhombisa, kube ngumnikelo wokona ngombuso nangendlu engcwele nangoJuda. Wayaleza abapristi, amadodana ka-Aroni, ukuba banikele ngakho e-altare likaJehova.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.


Bonke abesilisa phakathi kwabantwana baka-Aroni bayakukudla kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu seminikelo yomlilo kaJehova; konke okukuthintayo kuyakuba ngcwele.’ ”


Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo, ibe ngumnikelo wesono, nethole newundlu, omabili abe nomnyaka munye, angenasici, abe ngumnikelo wokushiswa,


U-Aroni kangene endaweni engcwele nalokhu: iduna, libe ngumnikelo wesono, nenqama, ibe ngumnikelo wokushiswa,


Wothabatha enhlanganweni yabantwana bakwa-Israyeli izimpongo ezimbili zibe ngumnikelo wesono, nenqama ibe ngumnikelo wokushiswa.


Emphemeni wesango kwakukhona amatafula amabili ngalapha namatafula amabili ngalapha ukuba kuhlatshelwe kuwo umnikelo wokushiswa nomnikelo wesono nomnikelo wecala.


Ngosuku angena ngalo endlini engcwele egcekeni elingaphakathi ukuyokhonza endlini engcwele, uyakunikela ngomnikelo wakhe wesono, isho iNkosi uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite