Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 4:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona kungengamabomu kuyo imiyalo uJehova ayale ngayo ukuthi akunakwenziwa akwenze noma yikuphi,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘Uma umuntu ona engahlosile, ephule imiyalo kaSimakade ngezinto okungafanele zenziwe, yena aphikelele azenze,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 4:2
18 Referans Kwoze  

kodwa kwelesibili kungena umpristi omkhulu yedwa kanye ngomnyaka, kungengaphandle kwegazi anikela ngalo ngenxa yakhe uqobo nangenxa yezono zabantu,


Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo.


“ ‘Uma kona umuntukazana, enza kungengamabomu noma yikuphi kuyo imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, aze abe necala,


emlonyeni munye kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Akufanele, bazalwane bami, ukuba lokho kube kanjalo.


angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;


noma kade ngingohlambalazayo, nozingelayo, nohluphayo; kodwa ngahawukelwa ngokuba ngakwenza ngokungazi, ngokungakholwa.


Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe.


“Nansi indaba yombulali oyakubalekela khona aze aphile: yilowo nalowo obulala umakhelwane wakhe kungengamabomu, ebekade engamzondi,


“ ‘Nxa kona induna, yenza kungengamabomu noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova uNkulunkulu wayo ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, ize ibe necala,


“ ‘Uma-ke yonke inhlangano yakwa-Israyeli iduka, leyo nto isitheke emehlweni ebandla, benza noma yikuphi kuyo yonke imiyalo uJehova ayale ngakho ukuthi akunakwenziwa, baze babe necala,


U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


“ ‘Uma umuntu edla okungcwele engazi, wothasisela okwesihlanu kwakho, amnike umpristi okungcwele.


niyakumisela imizi ibe yimizi yokuphephela ukuba umbulali obulala umuntu kungengamabomu abalekele khona.


Ungavumeli umlomo wakho ukuba wonise inyama yakho, futhi ungasho phambi kwesithunywa sikaNkulunkulu ukuthi kuyiphutha; yini ukuba uNkulunkulu athukuthelele izwi lakho, achithe umsebenzi wezandla zakho, na?


Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite