Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 4:12 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 yebo, yonke inkunzi uyakuyikhiphela ngaphandle kwekamu,* ayiyise endaweni ehlambulukileyo lapho uthululwa khona umlotha.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

12 zonke izitho zeduna uyokukukhiphela ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo lapho kuchithwa khona umlotha, akushise ezinkunini ezisemlilweni kuze kube ngumlotha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ngisho nenkunzi yonke kumelwe ayikhiphele ngaphandle kwekamu endaweni ehlanzekile lapho kulahlwa khona umlotha, futhi kumelwe ayishise phezu kwezinkuni ngomlilo; lapho okulahlwa khona umlotha, kumelwe ashiswe.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 4:12
16 Referans Kwoze  

Ngokuba izidumbu zalezo zilwane ezigazi lazo lingeniswa ngumpristi omkhulu endaweni engcwele ngenxa yezono zishiswa ngaphandle kwekamu*.


Kepha inyama yenkunzi, nesikhumba sayo, nomswani wayo, uyakukushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu;* kungumnikelo wesono.


Inkunzi yomnikelo wesono nempongo yomnikelo wesono, elangeniswa igazi lazo ukwenza ukubuyisana endaweni engcwele, ziyakukhishelwa ngaphandle kwekamu,* kushiswe ngomlilo izikhumba zazo nenyama yazo nomswani wazo.


isithole sishiswe phambi kwakhe, isikhumba saso, nenyama yaso, negazi laso, kanye nomswani waso kushiswe;


nisinike u-Eleyazare umpristi, yena asikhiphele ngaphandle kwekamu,* sihlatshwe phambi kwakhe;


UJehova wathi kuMose: “Lowo muntu wobulawa nokubulawa; yonke inhlangano iyakumkhanda ngamatshe ngaphandle kwekamu.”*


nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.”


Zonke izinsuku isifo sisekuye uyakuba ngongcolile; ungcolile; uyakuhlala yedwa; indawo yokuhlala kwakhe iyakuba ngaphandle kwekamu.*


Uyakuyikhiphela inkunzi ngaphandle kwekamu,* ayishise, njengalokho wayishisa inkunzi yokuqala: lokhu kungumnikelo wesono webandla.


Kepha makungadliwa mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.


Kepha inkunzi nesikhumba sayo, nenyama yayo, nomswani wayo, wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu,* njengalokho uJehova emyalile uMose.


Inyama nesikhumba wakushisa ngomlilo ngaphandle kwekamu.*


Uyakuthatha inkunzi yomnikelo wesono, ishiswe endaweni yendlu emiselweyo ngaphandle kwendlu engcwele.


khona kuyakuthi, uma onile aze abe necala, uyakukubuyisa lokho okuphangiweyo, noma lokho akudlileyo, noma lokho okwakubekwe kuye, noma lokho okwakulahlekile akutholayo,


Yonke iminikelo yempuphu yompristi yoshiswa yonke, ingadliwa.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite