Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 3:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula, anikele ngomnikelo womlilo kuJehova, umhlehlo osibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Uyothatha kulowo mnikelo wokuthula anikele ngawo ube ngumnikelo womlilo kuSimakade, umhlwehlwe nawo wonke amanoni amboze ezangaphakathi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Woletha umnikelo womlilo kuJehova ovela emnikelweni wokubonga; amanoni asibekela izibilini, nawo onke amanoni aphezu kwezibilini;

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 3:3
25 Referans Kwoze  

Uyakuthabatha wonke umhlehlo osibekela izibilini, namanoni aphezu kwesibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, ukushise e-altare.


‘Lesi sizwe singidumisa ngezindebe zomlomo, kepha inhliziyo yaso ikude nami;


“Wothabatha amanoni enqama, nomsila ononileyo, nomhlehlo osibekela izibilini, namanoni esibindi, nezinso zombili namanoni akuzo, nomlenze wokunene, ngokuba kuyinqama yokwahlukaniselwa;


sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimuphiweyo.


“Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa.


Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.


Yenza inhliziyo yalaba bantu ukuba ikhuluphale, nezindlebe zabo zibe buthuntu, ufiphaze amehlo abo, funa babone ngamehlo abo, bezwe ngezindlebe zabo, baqonde ngenhliziyo yabo, babuye, baphiliswe.”


Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho, amehlo akho enamele izindlela zami.


Inhliziyo yabo injengamafutha ingezwa lutho; kepha mina ngithokoza ngomthetho wakho.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile.


Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi; onke amanoni angakaJehova.


amadodana ka-Aroni, abapristi, ahlele izitho, nenhloko, namanoni, phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,


Alihlahlele izitho nenhloko yalo namanoni alo, umpristi akuhlele phezu kwezinkuni ezisemlilweni ophezu kwe-altare,


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare nxazonke ngegazi.


nezinso zombili namanoni akuzo angasezinkalweni, namanoni aphezu kwesibindi, ewasusa ngasezinsweni.


Yebo, bengakashisi amanoni, yafika inceku yompristi, yathi kumuntu ohlabayo: “Letha inyama yokoselwa umpristi, ngokuba akayikuthatha kuwe inyama ephekiweyo kepha eluhlaza.”


njengalokho kwasuswa kuyo inkunzi yomhlatshelo weminikelo yokuthula, umpristi akushise e-altare lomnikelo wokushiswa.


umprisiti akushise e-altare kube ngumnikelo womlilo kuJehova; kungumnikelo wecala.


izandla zakhe uqobo zilethe iminikelo yomlilo kaJehova, alethe amanoni kanye nesifuba ukuba isifuba sizuliswe, sibe ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.


kepha amanoni nezinso namanoni aphezu kwesibindi emnikelweni wesono wakushisa e-altare, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Amanoni omnikelo wesono uyakuwashisa e-altare.


“ ‘Kepha abapristi bamaLevi, amadodana kaSadoki, ababegcina inkonzo yendlu yami engcwele lapho abantwana bakwa-Israyeli beduka kimi, bayakusondela kimi, bangikhonze, beme phambi kwami, banikele kimi ngamanoni nangegazi, isho iNkosi uJehova;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite