Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 3:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare nxazonke ngegazi.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yawo, awuhlabe ngasekungeneni kwethende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni angabaphristi ayofafaza igazi lawo nxazonke ze-althare.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi nxazonke.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 3:2
23 Referans Kwoze  

“Uyisondeze inkunzi ngaphambi kwetende lokuhlangana; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenkunzi.


Ongasazanga isono wamenza isono ngenxa yethu, ukuze kuyena senziwe sibe ngukulunga kukaNkulunkulu.


UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukunibusisa ngokuniguqula, kube yilowo nalowo kini ebubini bakhe.”


nayibulala iNkosi yokuphila ayivusayo uNkulunkulu kwabafileyo, esingofakazi bakho thina.


“Ngiyakuthululela phezu kwendlu kaDavide naphezu kwabakhileyo eJerusalema umoya womusa nowokunxusa, bambheke abamgwazileyo, bamlilele njengokulilela ozelwe yedwa, babe nomunyu ngaye njengonomunyu ngezibulo lakhe.


Thina sonke sidukile njengezimvu; yilowo nalowo uphendukele endleleni yakhe; uJehova wehlisela phezu kwayo ububi bethu sonke.


Waletha nenye inqama, inqama yokwahlukaniselwa; u-Aroni namadodana akhe babeka izandla zabo enhloko yenqama.


Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke.


Woyihlaba inkunzi phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ufafaze ngalo i-altare nxazonke.


Wothabatha kuwo umhlatshelo weminikelo yokuthula, anikele ngomnikelo womlilo kuJehova, umhlehlo osibekela izibilini nawo onke amanoni aphezu kwezibilini,


abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi lawo.


“Kepha izibulo lenkomo, noma izibulo lemvu, noma izibulo lembuzi, awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i-altare ngegazi lazo, ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


“Wothabatha inqama ibe nye; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yenqama.


“Uthabathe enye inqama; u-Aroni namadodana akhe babeke izandla zabo enhloko yayo.


Yilowo nalowo muntu wendlu yakwa-Israyeli ohlaba inkunzi noma imvana noma imbuzi ekamu,* noma eyibulala ngaphandle kwekamu,


engayilethanga emnyango wetende lokuhlangana ukunikela ngayo ibe ngumnikelo kaJehova ngaphambi kwetabernakele* likaJehova, lowo muntu wobalelwa icala legazi; uchithile igazi; lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite