Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 3:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Uma umnikelo wakhe ungumhlatshelo weminikelo yokuthula, enikela ngowemihlambi, noma iduna noma insikazi, wonikela ngawo phambi kukaJehova ungenasici.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “ ‘Uma umnikelo ungumhlatshelo wokuthula, ophuma emhlanjini, noma yiduna noma yinsikazi, uyonikela ngokungenasici phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uma umnikelo wakhe wempuphu ungumnikelo wokubonga, ewuletha ezinkomeni; noma ingowesilisa noma ingowesifazane, uyakuletha phambi kukaJehova ingenasici.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 3:1
29 Referans Kwoze  

anikele ngomnikelo wakhe kuJehova, imvu yeduna enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wokushiswa, neyensikazi enomnyaka munye engenasici ibe ngumnikelo wesono, nenqama engenasici ibe ngumnikelo wokuthula,


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungumnikelo wokushiswa wemihlambi, uyakunikela ngeduna elingenasici, anikele ngalo ngasemnyango wetende lokuhlangana, aze amukeleke kuJehova.


lokho esikubonileyo, sakuzwa, sinishumayeza khona nani, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi. Kepha thina sinenhlanganyelo noYise naneNdodana yakhe uJesu Kristu.


masisondele ngenhliziyo eqinisileyo ngokwethemba okupheleleyo kokukholwa, zifafaziwe izinhliziyo zethu kungasekho valo lokubi, umzimba wethu ugeziwe ngamanzi acwebileyo;


Noma ninikela kimi ngeminikelo yenu yokushiswa kanye neminikelo yenu yempuphu, angiyenameli, futhi angibheki iminikelo yenu yokubonga yamathole akhuluphalisiweyo.


nokuba ngayo abuyisane nakho konke esenzile ukuthula ngegazi lesiphambano sayo, yebo ngayo, nokuba kuyizinto ezisemhlabeni nokuba ngezisezulwini.


“Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, “negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”


Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.


newundlu linye ezimvini ezingamakhulu amabili zasemadlelweni anamanzi akwa-Israyeli, libe ngumnikelo wempuphu, nomnikelo wokushiswa, nomnikelo wokuthula ukubenzela ukubuyisana, isho iNkosi uJehova.


“Imihlatshelo yeminikelo yokuthula yayingifanele; namuhla sengigcwalisile izithembiso zami.


UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.


Kwathi ngakusasa abantu bavuka ekuseni, bakha khona i-altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula.


Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


Okomhlatshelo kweminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyisihlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaNaheshoni indodana ka-Aminadaba.


Ngalokho abantwana bakwa-Israyeli bayakuletha imihlatshelo yabo abayihlaba endle, bayilethe kuJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana, kumpristi, banikele ngayo ibe yiminikelo yokuthula kuJehova.


kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.


Wathuma izinsizwa zabantwana bakwa-Israyeli, zanikela ngeminikelo yokushiswa, zahlabela uJehova imihlatshelo yokuthula yezinkunzi.


“ ‘Wongenzela i-altare lomhlabathi, unikele phezu kwalo iminikelo yakho yokushiswa neminikelo yakho yokuthula, izimvu zakho nezinkomo zakho; ezindaweni zonke lapho ngilenza ukuba likhunjulwe khona igama lami, ngiyakuza kuwe, ngikubusise.


“ ‘Uma umnikelo wakhe nomhlatshelo weminikelo yokuthula kuJehova ungowezimvu, noma iduna noma insikazi, wonikela ngawo ungenasici.


Wahlaba inkunzi nenqama, zibe ngumhlatshelo weminikelo yokuthula ongowabantu; amadodana ka-Aroni aletha kuye igazi owafafaza ngalo i-altare nxazonke,


Okomhlatshelo weminikelo yokuthula nakhu: izinkabi ezimbili, nezinqama eziyisihlanu, nezimpongo eziyishlanu, nezimvu eziyisihlanu zamaduna ezinomnyaka munye; lokho kwakungumnikelo kaGamaliyeli indodana kaPedasuri.


“ ‘Nxa ulungisa iduna libe ngumnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma kube yiminikelo yokuthula kuJehova,


unikele ngeminikelo yakho yokushiswa, inyama negazi, e-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, igazi lemihlatshelo yakho lithululwe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, wena uyidle inyama.


Lapho seziphelile izinsuku, kuyakuba ngosuku lwesishiyagalombili naphambili ukuba abapristi bayilungise iminikelo yenu yokushiswa e-altare neminikelo yenu yokuthula, nginamukele, isho iNkosi uJehova.”


“ ‘Uma umnikelo wakhe ungowemihlambi, owasezimvini noma owasezimbuzini, ube ngumnikelo wokushiswa, wonikela ngeduna elingenasici.


nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite