Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 “ ‘Ngiyakuninaka, nginenze ukuba nizale, nande, ngimise isivumelwano sami nani.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 “ ‘Ngiyonenzela umusa, nginenze nichume kakhulu, nginandise, ngiqinise isivumelwano sami nani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngokuba ngiyakuninaka, nginenze nithele, nandise, ngimise isivumelwano sami nani.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:9
31 Referans Kwoze  

Wababusisa, banda kakhulu, akanciphisa izinkomo zabo.


Sengiyakumisa isivumelwano sami nawe, wazi ukuthi nginguJehova


Nabantwana babo wabandisa ngangezinkanyezi zezulu, wabangenisa ezweni owasho ngalo koyise ukuthi bayakungena ukulidla.


Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


UJehova uyakukwandisela okuhle: inzalo yesisu sakho, nenzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho ezweni uJehova alifungela oyihlo ukukunika lona.


ukwenzela okhokho bethu isihawu nokukhumbula isivumelwano sayo esingcwele,


Ngenzile isivumelwano nokhethiweyo wami, ngifungile kuye uDavide inceku yami ukuthi:


“Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.


Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona.


UNkulunkulu wabona abantwana bakwa-Israyeli, wabanakekela.


Abantwana bakwa-Israyeli bazala, bachuma, banda, baba baningi; izwe lagcwala bona.


Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba.


Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba,


Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu.


Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami nawe, uze ungene emkhunjini, wena namadodana akho, nomkakho, nabafazi bamadodana akho bekanye nawe.


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, ngokuba abahlalanga esivumelwaneni sami, nami angibanakanga, isho iNkosi.


Ngase ngibabuyisela amazwi, ngathi kubo: “UNkulunkulu wezulu uyakusiphumelelisa; ngalokho thina zinceku zakhe siyakusuka sakhe, kepha nina aninasabelo, nalungelo, nasikhumbuzo eJerusalema.”


Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.


UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.”


ngiyakukubusisa nokukubusisa, ngandise nokwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu nangangesihlabathi sasogwini lolwandle, inzalo yakho inqobe isango lezitha zayo,


wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’


uma nilahla izimiso zami, uma umphefumulo wenu unengwa yizahlulelo zami, ukuze ningayenzi yonke imiyalo yami, kepha naphule isivumelwano sami,


akuthande, akubusise, akwandise, abusise nenzalo yesisu sakho, nesithelo somhlabathi wakho, namabele akho, newayini lakho, namafutha akho, nenzalo yezinkomo zakho, nokwanda kwezimvu zakho ezweni alifungela oyihlo ukuninika lona.


Ngokuba bhekani, nginani; ngiyakuphendukela kini, niyakulinywa, nihlwanyelwe.


Inceku yakho iphakathi kwabantu bakho obakhethileyo, isizwe esikhulu, esingenakubalwa, esingenakuthathwa umumo waso ngobuningi.


“Ngiyakubutha insali yezimvu zami emazweni onke, lapho ngiyixoshele khona, ngiyibuyisele ezibayeni zayo; iyakuchuma, yande.


Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi abayakuyalusa; ayisayikwesaba, ayiyikuphela amandla, ayisayikujeziswa,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite