Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Niyakuxosha izitha zenu, ziwe phambi kwenu ngenkemba.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:7
13 Referans Kwoze  

“ ‘Ngiyakunika ukuthula ezweni, nilale phansi ningesatshiswa muntu; ngiyakuqothula izilwane ezimbi ezweni, nenkemba ayiyikudabula ezweni lakini.


Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, nabayikhulu kini bayakuxosha izinkulungwane eziyishumi, izitha zenu ziwe phambi kwenu ngenkemba.


Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?


Abanye abaJuda ababe sezifundeni zenkosi babuthana, bamela ukuphila kwabo, baphumula ezitheni zabo, babulala abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nanhlanu ababazondayo, kepha ababekanga izandla zabo empangweni.


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


“UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.


Umuntu oyedwa uxoshile inkulungwane, ngokuba uJehova uNkulunkulu wenu nguye onilwelayo, njengalokho ebekhuluma kini.


Kepha uBaraki waxosha izinqola nempi kwaze kwaba seHarosheti labezizwe; yonke impi kaSisera yawa ngosiko lwenkemba, akwasala muntu.


Amadoda akwa-Israyeli ayebuthene evela kwaNafetali, nakwa-Asheri, nakulo lonke lakwaManase, abaxosha abakwaMidiyani.


Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.


UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe.


Lapho abantwana bakwa-Amoni bebona ukuthi ama-Aramu abalekile, babaleka nabo phambi kuka-Abishayi umfowabo, bangena emzini; kepha uJowabe waya eJerusalema.


Abazondi bakaJehova bebeyakuzithobela kuye, kepha isikhathi sabantu bami besiyakuba khona kuze kube phakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite