Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ukubhula kwenu kuyakufika ekuvuneni, nokuvuna kube yisikhathi sokuhlwanyela; kumelwe udle isinkwa sakho ngokusutha futhi uhlale ngokulondeka ezweni lakini.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:5
26 Referans Kwoze  

“Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho olimayo eyakufica ovunayo, nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu; izintaba ziyakuconsa iwayini, amagquma onke ancibilike.


Niyakudla nokudla, nisuthe, nilidumise igama likaJehova uNkulunkulu wenu oniphathe ngokumangalisayo; abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.


UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.


Kepha ongilalelayo uyakuhlala elondekile, agcineke, angabi naluvalo ngokubi.”


Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”


“Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi nokhanda ngamatshe abathunyelwe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho njengesikhukukazi sibuthela amazinyane aso phansi kwamaphiko aso, kepha anivumanga.


Ezinsukwini zalo uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo lokuthi: UJEHOVA UNGUKULUNGA KWETHU.


Igama likaJehova lingumbhoshongo onamandla; olungileyo ugijimela kuwo, alondeke.


Nkosi, wena uyisiphephelo sethu ezizukulwaneni ngezizukulwane.


UMose wathi: “Lokhu kuzakwenzeka, lapho uJehova eyakuninika inyama kusihlwa ukuba nidle, nasekuseni isinkwa ukuze nisuthe; ngokuba uJehova uyezwa izinkonono zenu enikhonona ngaye ngazo; thina siyini? Izinkonono zenu azingathi, zingoJehova.”


Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle, nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni, ngibalalise belondekile.


lapho izingobo zethu zigcwele, ziveza izinhlobo ngezinhlobo, nezimvu zethu zizala ngezinkulungwane, yebo, ngezinkulungwane eziyishumi emadlelweni ethu;


Uma nivuma, nilalela, niyakudla okuhle kwezwe;


Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.


Ngiyakuzimisela wena ngokuthembeka ube ngumkami; uyakumazi uJehova.


Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite