Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe likhiqize ukudla, imithi yasendle ithele izithelo zayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngiyakuninika imvula ngesikhathi esifaneleyo, izwe lithele izithelo zalo, nemithi yasendle ithele izithelo zayo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:4
31 Referans Kwoze  

“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.


Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi, ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe.


Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.


yena onisa imvula emhlabeni, athume amanzi ebusweni bamasimu,


“UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.


ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.


khona ngiyakuyala isibusiso sami sehlele phezu kwenu ngomnyaka wesithupha, uze uthele ukudla kweminyaka emithathu.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”


ukuba nibe ngabantwana bakaYihlo osezulwini; ngokuba yena uphumisa ilanga lakhe phezu kwababi nabahle, anise imvula phezu kwabalungileyo nabangalungile.


Yebo, uJehova uyakuveza okuhle; izwe lethu liyakuthela izithelo zalo.


Wanisa imvula enkulu, Nkulunkulu; ifa lakho selahlulekile, waliqinisa.


Banamandla laba okuvala izulu ukuba lingani ngezinsuku zokuprofetha kwabo, futhi banamandla phezu kwamanzi okuwaphendula igazi nawokushaya umhlaba ngezinhlupho zonke, noma kungaba kangaki ngokuthanda kwabo.


Ngakho bekezelani, bazalwane, ize ifike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlaba esiyigugu, ebekezelela sona, size sithole imvula yokuqala neyamuva.


Kukhona yini phakathi kwawonkulunkulu babezizwe abayize onganisa imvula? Amazulu angaletha izihlambi na? Akusuwe Jehova esiyakukuhlalela na? Ngokuba wena wenzile konke lokhu.


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Uphuzisa izintaba okuvela emakamelweni akhe; umhlaba uyaneliswa yisithelo semisebenzi yakho.


U-Eliya waseThishibi, owayengowabagogobeleyo kwaGileyadi, wathi ku-Ahabi: “Kuphila kukaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, engimi phambi kwakhe, akuyikubakho mazolo namvula kule minyaka, kuphela ngesiyalezo sezwi lami.”


Izwe liyakuthela izithelo zalo, nidle nisuthe, nihlale kulo nilondekile.


“Kuyakuthi uma nilalela nokulalela imiyalo yami enginiyala ngayo namuhla ukuba nimthande uJehova uNkulunkulu wenu, nimkhonze ngayo yonke inhliziyo yenu nangawo wonke umphefumulo wenu,


UNkulunkulu uyasibusisa; imikhawulo yonke yomhlaba iyakumesaba.


Ukulunga kuyakuhamba phambi kwakhe, kwenzele izinyawo zakhe indlela.


Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite