Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 nami ngiyakwenza lokhu kini; ngiyakunehlisela ingebhe nesifuba nomkhuhlane oyakuqeda amehlo, udangalise umphefumulo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 nakhu engiyokwenza kini: ngiyonehlisela ingebhe, ufuba, umkhuhlane ovala amehlo, nokudangala komphefumulo. Niyotshala imbewu ningazuzi lutho, kudliwe yizitha zenu ebenikutshalile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lami ngizakwenza lokhu kini; Ngiyakubeka phezu kwenu ukwesaba, nobuhlungu, nobuhlungu obuvuthayo, okuyakudla amehlo, kubangele usizi lwenhliziyo; niyakuhlwanyela ngeze imbewu yenu, ngokuba izitha zenu ziyakuyidla.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:16
35 Referans Kwoze  

mangihlwanyele, kudle omunye, yebo, zisishulwe izithelo zami.


Kepha angiyikumnquma umuntu wakho e-altare lami ukuba aqede amehlo akho, abangele usizi umphefumulo wakho; yonke inzalo yendlu yakho iyakufa isebudodeni bayo.


“Uyakutshala, ungavuni kodwa; uyakunyathela iminqumo, ungazigcobi kodwa ngamafutha, nezithelo zomvini, ungaliphuzi nokho iwayini.


“Wena ndodana yomuntu, yisho kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: ‘Nisho kanje, nithi: “Impela iziphambeko zethu nezono zethu ziphezu kwethu, siyonda ngenxa yazo; pho, siyakuphila kanjani na?” ’


Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.


Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.


Siyakuyidla inzalo yezinkomo zakho, nezithelo zomhlabathi wakho, uze ubhujiswe, singakushiyeli amabele, noma iwayini, noma amafutha, noma isanda sezinkomo zakho, noma amazinyane ezimvu zakho, aze akuqede.


Kuyesabeka ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Yikho okuyakuba ngukushaya uJehova ayakushaya ngakho bonke abantu abalwe neJerusalema: inyama yabo iyakudleka besemi ngezinyawo zabo, namehlo abo ayakuphelela ezikhoxeni zawo, ulimi lwabo ludleke emlonyeni wabo.


Nihlwanyela okuningi, ningenisa okuyingcosana; niyadla, kepha anisuthi; niyaphuza, kepha ananeliswa; niyembatha, kepha akakho ofudumalayo; ozuza imali uyizuzela isikhwama esibhobokileyo.”


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.


Abafelokazi babo bandile kimi kunesihlabathi solwandle, ngehlisele phezu kwawonina bezinsizwa umchithi emini, ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.


Bahlwanyele ukolweni, bavuna ameva, bakhandlekile bengasizakalanga; yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”


Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Kwatshelwa indlu kaDavide ukuthi: “I-Aramu limise kwa-Efrayimi.” Yayisiqhaqhazela inhliziyo yakhe nenhliziyo yabantu bakhe njengemithi yasehlathini ithuthumela ngomoya.


Beka omubi phezu kwakhe; makume omelene naye ngasesandleni sakhe sokunene.


Maye, bachithwa ngokuphazima kweso! Bashona, babhubha benovalo.


Uyawukhipha uphume emzimbeni wakhe; nxa uphuma unyampuza enyongweni, abesehlelwa yingebhe.


Ingebhe iyakumethusa nxazonke; iyamzingela ezinyathelweni zakhe.


Kwafika ingelosi kaJehova, yahlala phansi kwe-oki* lase-Ofira likaJowashi umAbiyezeri; indodana yakhe uGideyoni yayibhula ukolweni esikhamweni sewayini ukuba amthukusele abakwaMidiyani.


Ngaphandle inkemba iyakwaphuca, ingebhe phakathi emakamelweni: izinsizwa nezintombi, oncelayo kanye nempunga.


wathi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ukwenze okulungile emehlweni akhe, ulalele imiyalo yakhe, ugcine izimiso zakhe zonke, angiyikubeka phezu kwakho nasinye salezo zifo engizibeke phezu kwabaseGibithe, ngokuba nginguJehova okuphilisayo.”


“Uma kukhona indlala ezweni, noma kukhona isifo, noma kukhona ukuhamuka, nesikhutha, nesikhonyane, nemiswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni lemizi yabo, noma kuyiphi inhlupheko nasiphi isifo,


Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi, kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.


UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene nangengalo yamandla akhe, wathi: “Impela angisayikuzinika izitha zakho amabele akho abe ngukudla kwazo; abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,


“Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.


Izigqoko zenu ziyakuba semakhanda enu nezicathulo ezinyaweni zenu; aniyikudabuka, ningakhali, kepha niyakonda ebubini benu, nibubulelane omunye nomunye.


“Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.


Ngalokho, ngokuba ninyathela abampofu, namukele kuye isipho samabele, noma nakha izindlu ngamatshe abaziweyo aniyikuhlala kuzo, nokuba nitshala izivini ezinhle aniyikuphuza iwayini lazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite