Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 26:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Ningenzi izithombe, ningamisi izithombe ezibaziweyo noma insika; ningabeki itshe elinemifanekiso ezweni lakini ukukhothamela kulo; ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Aniyikuzenzela izithombe nezithombe ezibaziweyo, ningazimiseli izithombe ezibaziweyo, ningagxumeki izithombe zamatshe ezweni lakini ukuba nizikhothamele; ngoba nginguJehova uNkulunkulu wenu.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 26:1
30 Referans Kwoze  

“ ‘Ningaphendukeli kuzo izithombe, ningazenzeli onkulunkulu ababunjiweyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe ezibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese.’ “Bonke abantu bayakuphendula bathi: ‘Amen.’


niyakuxosha bonke abakhileyo ezweni phambi kwenu, nichithe yonke imifanekiso yabo, nibulale zonke izithombe zabo ezibunjiweyo, nibhidlize zonke izindawo zabo eziphakemeyo,


Awuyikubakhothamela onkulunkulu babo, ungabakhonzi, ungenzi njengokwemisebenzi yabo, kepha wobachitha impela, ubhidlize izithombe zabo.


Aniyikwenza lutho olungaphandle kwami; onkulunkulu besiliva nawonkulunkulu begolide aniyikuzenzela bona.


Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.


“Ngakho lokhu siyinzalo kaNkulunkulu, akufanele ukuba sithi ubuNkulunkulu bufana negolide noma isiliva noma itshe, okuqoshwe ngekhono nangesu lomuntu.


“Awuyikuzenzela onkulunkulu ababunjiweyo.


Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo amavukuzi nakuwo amalulwane izithombe zabo zesiliva nezithombe zabo zegolide, abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,


Mabajabhe bonke abakhonza izithombe ezibaziweyo, abazigabisa ngezithombe. Mkhonzeni nina nonke bonkulunkulu.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Ngokuba abantwana bakwa-Israyeli bayizinceku kimi; bayizinceku zami engazikhipha ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“ ‘NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo, bamcunula ngezithombe zabo.


Lowo phakathi kwamadodana ka-Aroni onikela ngegazi leminikelo yokuthula nangamanoni koba ngowakhe umlenze wokunene, ube yisabelo sakhe.


Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe.


bahamba ngezimiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli nezamakhosi akwa-Israyeli azenzileyo.


Bazimisela izinsika nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza,


Bashiya yonke imiyalo kaJehova uNkulunkulu wabo, bazenzela izithombe ezibunjiweyo, amathole amabili, benza no-Ashera,* bakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, bakhonza uBali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite