Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Amasabatha ngamasabatha uyakuzihlela phambi kukaJehova njalo; kungenxa yabantwana bakwa-Israyeli, kuyisivumelwano esiphakade.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Amasabatha ngamasabatha, uyakuzihlela njalo phambi kukaSimakade, njengokuzinikela kwabantu bakwa-Israyeli, nanjengesivumelwano esiphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Isabatha ngalinye uyakukuhlela phambi kukaJehova njalo, kususwe kubantwana bakwa-Israyeli ngesivumelwano esiphakade.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:8
9 Referans Kwoze  

Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


“Etafuleni lezinkwa zokubukwa bayakwendlala indwangu eluhlaza, babeke kuyo izingqwembe, nezinkezo, nezinkamba, nezindebe zokuthela; nesinkwa esinganqamukiyo siyakuba phezu kwalo.


Abanye abafowabo bamadodana amaKohati babephethe izinkwa zokubukwa ukuba bazilungise onke amasabatha.


eyesinkwa sokubukwa kanye nomnikelo wempuphu wemihla yonke nomnikelo oshiswa imihla yonke, neyamasabatha, neyokwethwasa kwenyanga, neyemikhosi emisiweyo, neyezinto ezingcwele, neyeminikelo yezono, ukuba kwenziwe ukubuyisana kuka-Israyeli nomsebenzi wonke wendlu kaNkulunkulu wethu.


eyezinkwa zokubukwa, neyempuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu, neyemiqathane engenamvubelo, neyokuphekwe ekhanzini, neyexutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu;


Wobeka njalo phambi kwami etafuleni isinkwa sokubukwa.


Kepha umuntu othile wezinceku zikaSawule wayelapho ngalolo suku, ebambekile phambi kukaJehova, ogama lakhe lalinguDowegi wabakwa-Edomi, omkhulu wabelusi bakaSawule.


bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo, basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite