Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 24:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Yala abantu bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo, agxotshelwe ukukhanyisa, ukuze izibani zivuthe njalonjalo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha acwengekileyo agqunyiwe okukhanyisa ukuze izibani zivutha njalo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 24:2
27 Referans Kwoze  

Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”


ukuvula amehlo abo ukuba basuke ebumnyameni, baphendukele ekukhanyeni, basuke emandleni kaSathane, baphendukele kuNkulunkulu, ukuze bamukeliswe ukuthethelelwa kwezono nesabelo phakathi kwabangcwelisiweyo ngokukholwa kimi.’


Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.


Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu;


“Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha.


ukubakhanyisela abahlezi ebumnyameni nasethunzini lokufa nokuqondisa izinyawo zethu endleleni yokuthula.”


Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”


UMoya kaJehova uyakuhlala phezu kwakhe, umoya wokuhlakanipha nowokuqonda, umoya wamasu nowamandla, umoya wokwazi nowokumesaba uJehova.


Emthethweni-ke nasebufakazini! Impela leli zwi abalikhulumayo alinakho ukusa.


Ngokuba imiyalo iyisibani, nomthetho ungukukhanya, nokusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,


Ukwambulwa kwamazwi akho kuyakhanyisa, yebo, kuyabaqondisa abangenalwazi.


Izwi lakho liyisibani ezinyaweni zami nokukhanya endleleni yami.


bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo, basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.


Walubeka uthi lwezibani etendeni lokuhlangana malungana netafula ohlangothini lwetabernakele olungaseningizimu.


uthi olucwengekileyo lwezibani nezibani zalo, izibani zihleliwe, nezinto zonke zalo, namafutha okukhanyisa,


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite