Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 23:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 “ ‘Umsebenzi uyakwenziwa izinsuku eziyisithupha; kepha ngosuku lwesikhombisa kuyisabatha lokuphumula okuzothileyo, umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisabatha kuJehova ezindlini zenu zonke.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 “ ‘Uyokwenza umsebenzi ngezinsuku eziyisithupha, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha; lusuku lokuphumula lomhlangano ongcwele. Awuyukwenza msebenzi ngalo, luyisabatha kuSimakade kuzo zonke izindlu zenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Izinsuku eziyisithupha kosetshenzwa, kepha usuku lwesikhombisa luyisabatha lokuphumula, umbuthano ongcwele; ningenzi msebenzi ngalo; kuyisabatha leNkosi ezindlini zenu zonke.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 23:3
17 Referans Kwoze  

“ ‘Yilowo nalowo makahloniphe unina noyise, nigcine amasabatha ami; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“Izinsuku eziyisithupha wosebenza umsebenzi wakho, uphumule ngosuku lwesikhombisa ukuba inkabi yakho nembongolo yakho ziphumule, bahlunyelelwe indodana yencekukazi yakho nomfokazi.


Umphathi wesinagoge,* ecunukile ngokuba uJesu ephulukisile ngesabatha, waphendula, wathi kuso isixuku: “Kukhona izinsuku eziyisithupha okufanele ukusetshenzwa ngazo; ngakho-ke anoza ngazo, niphulukiswe, kungabi ngosuku lwesabatha.”


“Wosebenza izinsuku eziyisithupha, uphumule ngosuku lwesikhombisa; uyakuphumula ngesikhathi sokulima nangokuvuna.


NgangikuMoya ngosuku lweNkosi, ngezwa emva kwami izwi elikhulu kungathi elecilongo,


Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”


Base bebuyela emuva, balungisa amakha namafutha; kepha ngesabatha baphumula njengokomthetho.


“Uma ulubuyisa unyawo lwakho kulo isabatha, ukuze ungenzi umsebenzi wakho ngosuku lwami olungcwele, ulibize isabatha ngokuthi intokozo, nolungcwele lukaJehova ngokuthi lunodumo, uludumise, ungahambi ngezindlela zakho, ungawuqhubi umsebenzi wakho, ukhulume ize,


Nabezizwe abazihlanganisa noJehova ukumkhonza uJehova nokulithanda igama likaJehova ukuba babe yizinceku zakhe bonke abaligcina isabatha, bangaloni, nababambelela esivumelwaneni sami,


Ubusisiwe umuntu owenza lokhu, nendodana yomuntu ebambelela kukho, ogcina isabatha engaloni, osibamba isandla sakhe ukuba singenzi nakuphi okubi.”


Bhekani, njengalokho uJehova eniphile isabatha, ngalokho uyaninika ngosuku lwesithupha isinkwa sezinsuku ezimbili; hlalani, kube yilowo nalowo endaweni yakhe, kungaphumi muntu endaweni yakhe ngosuku lwesikhombisa.”


Wathi kuzo: “Lokhu kuyikho uJehova akukhulumileyo: kusasa kulusuku lokuphumula, isabatha elingcwele likaJehova; yosani lokho eniyakukosa, nipheke lokho eniyakukupheka, nizibekele konke okuseleyo, kulondolozwe kuze kuse.”


Base bephumula-ke abantu ngosuku lwesikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite