Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 22:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli abangingcwelisela zona, bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Khuluma ku-Aroni namadodana akhe ukuba bahlukane nezinto ezingcwele zabantu bakwa-Israyeli, abazehlukanisela Mina njengezingcwele, ukuze bangalihlambalazi igama lami elingcwele; nginguSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Yisho ku-Aroni nakumadodana akhe ukuba bazihlukanise nezinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli, bangangcolisi igama lami elingcwele ezintweni abazingcwelisa kimi; nginguJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 22:2
16 Referans Kwoze  

“Onke amazibulo amaduna azalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, ungaligundi izibulo lezimvu zakho.


“ ‘Unganikeli ngenzalo yakho ukuyahlukanisela kuMoloki, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguJehova.


Aniyikuthwala sono ngenxa yakho, lapho seniphakamisile okuhle kwakho, ningahlambalazi izinto ezingcwele zabantwana bakwa-Israyeli ukuba ningafi.’ ”


Ningahlambalazi igama lami elingcwele; kepha ngiyakungcweliswa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli; nginguJehova oningcwelisayo,


“ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.


Uyakuba sebunzini lika-Aroni, u-Aroni athwale ububi bezinto ezingcwele, abantwana bakwa-Israyeli abayakuzingcwelisa, zibe yizipho zabo ezingcwele; uyakuba sebunzini lakhe njalo ukuba bamukeleke ebusweni bukaJehova.


wodlulisela kuJehova konke okuvula isizalo nawo onke amazibulo ezinkomo onawo; amaduna onke azakuba ngakaJehova.


Bayakuba ngcwele kuNkulunkulu wabo, bangahlambalazi igama likaNkulunkulu wabo, ngokuba banikela ngeminikelo yomlilo kaJehova, isinkwa sikaNkulunkulu wabo; ngalokho bayakuba ngcwele.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo, ngokuba unikela ngenzalo yakhe kuMoloki ukungcolisa indlu yami engcwele nokuhlambalaza igama lami elingcwele.


“ ‘Kanjalo niyakwahlukanisa abantwana bakwa-Israyeli nokungcola kwabo ukuba bangafi ekungcoleni kwabo, lapho bengcolisa itabernakele* lami eliphakathi kwabo.’ ”


UJehova wakhuluma kuMose, wathi:


Ngathi kubo: “Ningcwele kuJehova, nezitsha zingcwele; isiliva negolide kungumnikelo wesihle kuJehova uNkulunkulu wawoyihlo.


Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.


Anigcinanga inkonzo yezinto zami ezingcwele, kepha nibeke abayakunigcinela inkonzo endlini yami engcwele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite