Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 21:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 UJehova wathi kuMose: “Khuluma kubapristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabikho ozingcolisayo ngofileyo phakathi kwabantu bakubo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 USimakade wathi kuMose: “Yisho kubaphristi, amadodana ka-Aroni, uthi kubo: ‘Makungabi bikho oyozingcolisa ngokuthinta ofileyo kubantu bakubo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 INkosi yasisithi kuMozisi: Khuluma kubapristi, amadodana kaAroni, uthi kibo: Kakungabi lamuntu phakathi kwabantu bakibo ozangcoliswa ngabafileyo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 21:1
12 Referans Kwoze  

“ ‘Abayikuthinta ofileyo, funa bazingcolise, kepha ngoyise, nangonina, nangendodana, nangendodakazi, nangomfowabo, nangodadewabo ongenandoda bangazingcolisa.


“ ‘Nanku umthetho, uma umuntu efela etendeni: yilowo nalowo ongena etendeni nalowo osetendeni uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.


angangeni nakumuphi umuntu ofileyo, angazingcolisi ngoyise noma ngonina,


“ ‘Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu ngenxa yabafileyo, ningazilobi amabala; nginguJehova.


Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lo myalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime,” usho uJehova Sebawoti.


“Manje lo myalo ungowenu bapristi.


“Yizwani lokhu nina bapristi, nilalele nina ndlu ka-Israyeli, nibeke indlebe nina ndlu yenkosi, ngokuba ukwahlulela kukinina, lokhu nanilugibe eMispa nenetha elenekwe eThabori.


“ ‘Yilowo nalowo othinta endle obulewe ngenkemba, noma isidumbu, noma ithambo lomuntu, noma ithuna, uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.


“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba bakhiphe ekamu* bonke abanochoko, nabo bonke abacucayo, nabo bonke abangcoliswe ngabafileyo,


Zonke izinsuku engumNaziri kaJehova akayikusondela esidumbini.


“ ‘Othinta isidumbu somuntu uyakuba ngongcolile izinsuku eziyisikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite