Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 2:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 “ ‘Awuyikwenziwa ngemvubelo umnikelo wempuphu eninikela ngawo kuJehova, ngokuba aniyikushisa imvubelo nazinyosi kube ngumnikelo womlilo kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

11 “ ‘Umnikelo wokusanhlamvu eninikela ngawo kuSimakade awuyukwenziwa ngokunemvubelo, ngokuba aniyukushisa imvubelo noju kube ngumnikelo womlilo kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Akukho mnikelo womlilo eniyakunikela ngawo kuJehova ongenziwa ngemvubelo; ngoba aniyikushisa imvubelo nezinyosi emnikelweni womlilo weNkosi.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 2:11
19 Referans Kwoze  

Imvubelo eyingcosana ibilisa inhlama yonke.


Kwathi sezibuthene izigidi zabantu baze banyathelana, waqala ukukhuluma, ikakhulu kubafundi bakhe, ethi: “Xwayani imvubelo yabaFarisi engukuzenzisa.


“Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo wami kanye nesinkwa esivutshelweyo. Amanoni omkhosi wami awayikusala bonke ubusuku kuze kuse.


ukuze ngesikhathi esiseleyo nisesenyameni ningabe nisahlala ngezinkanuko zabantu kodwa ngentando kaNkulunkulu.


“Xwayani ukuba izinhliziyo zenu zingasindwa ngukuminza nokudakwa nokunaka okwalokhu kuphila, lunizume lolo suku ningazelele,


Wayesebayala ethi: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nemvubelo kaHerode.”


Ukudla izinyosi eziningi akukuhle, nokuzifunela udumo kakusilo udumo.


Uma uthole izinyosi, yidla okwanele wena, funa udinwe, ubuye uhlanze.


Ndodana yami, yidla izinyosi, ngokuba zimnandi, noju oluhle emlonyeni wakho.


baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


UJesu wayesethi kubo: “Anobheka nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”


“Awuyikunikela ngegazi lomhlatshelo womkhosi wephasika kuze kuse.


Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo, ukushise e-altare phezu komnikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova: kungumnikelo womlilo kuJehova.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Umpristi uyakwembatha isambatho selineni, afake nebhulukwe lakhe lelineni emzimbeni wakhe, asuse umlotha womlilo oshise umnikelo wokushiswa e-altare, awuthele ngaseceleni kwe-altare.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite