Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 2:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “ ‘Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

1 “ ‘Noma ngubani oletha umnikelo wokusanhlamvu kuSimakade, umnikelo kufanele ube ngowempuphu ecolisekileyo, athele amafutha kuwo, abeke nenhlaka kuwo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 “ ‘Uma umuntu eletha umnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo wakhe uyakuba yimpuphu ecolekileyo; kumelwe athele amafutha phezu kwawo futhi abeke impepho phezu kwawo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 2:1
31 Referans Kwoze  

Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.


Bayakuletha bonke abafowenu bebakhipha ezizweni zonke ngamahhashi, nangezinqola, nangezinhlaka, nangeminyuzi,* nangamakamela, babe ngumnikelo kaJehova, beze entabeni yami engcwele eJerusalema,” usho uJehova, “njengalokhu abantwana bakwa-Israyeli bewuletha umnikelo wabo ngesitsha esihlambulukileyo endlini kaJehova.


Wayeseletha umnikelo wempuphu, wagcwalisa isandla sakhe ngawo, wawushisa e-altare ngaphandle komnikelo wokushiswa wasekuseni.


Kepha nina bathandekayo, yakhelanani ekukholweni kwenu okungcwele kakhulu, nikhuleke ngoMoya oNgcwele,


Wanikela kwaba ngumnikelo wakhe uqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,


Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.


Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila; ozayo kimi kasoze alamba, nokholwa yimi kasoze oma.


Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.


Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?


Umnikelo wakhe wawuluqwembe lwesiliva, isisindo salo singamashekeli* ayikhulu namashumi amathathu, nokhamba lwesiliva olungamashekeli angamashumi ayisikhombisa ngokweshekeli lendlu engcwele, zombili zigcwele impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, kube ngumnikelo wempuphu,


nesinkwa esingenamvubelo, namaqebelengwane angenamvubelo, agcotshwe ngamafutha; ukwenze ngempuphu ecolekileyo kakolweni.


Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.


“ ‘Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho, okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo, ube ngumnikelo wesono, angatheli mafutha phezu kwawo, angabeki nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,


Bathabathe iduna nomnikelo walo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha; nelinye iduna uyakulithabatha libe ngumnikelo wesono.


Lokhu kuyakuba ngokwakho ezintweni ezingcwelengcwele ezisale emlilweni: yonke iminikelo yabo, yonke iminikelo yabo yempuphu, nayo yonke iminikelo yabo yesono, nayo yonke iminikelo yabo yecala abanikela ngayo kimi iyakuba ngcwelengcwele kuwe nakumadodana akho.


kanye nokweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu, exovwe nokwesine kwehini* lamafutha agxotshelweyo.


kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso,


Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka.


umpristi amenzele ukubuyisana phambi kukaJehova, aze athethelelwe konke angahle abe ekwenzile anecala ngakho.”


nenkunzi nenqama zibe yiminikelo yokuthula, zihlatshwe phambi kukaJehova, nomnikelo wempuphu oxovwe namafutha, ngokuba namuhla uJehova uyabonakala kini.’ ”


“Ngosuku lwesishiyagalombili wothatha izimvu zamaduna ezimbili ezingenasici, nexhukazi elinomnyaka munye elingenasici, nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo, kube ngumnikelo wempuphu, kuxovwe namafutha nelogi* lamafutha.


Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.


Wathi kimi: “Nansi indawo lapho abapristi beyakuphekela khona umnikelo wecala nomnikelo wesono, nalapho beyakwenza khona umnikelo wempuphu, ukuze bangawuphumiseli egcekeni elingaphandle, bangcwelise abantu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite