Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 16:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 U-Aroni uyakwenza inkatho ngezimpongo zombili, enye inkatho ibe ngekaJehova, enye inkatho ibe ngeka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 U-Aroni uyakwenza unkatho ngezimpongo zombili, olunye unkatho lube ngolukaSimakade, olunye unkatho lube ngoluka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 U-Aroni kumelwe enze inkatho ngalezi zimbuzi ezimbili; enye inkatho ngekaJehova, enye ngeka-Azazeli.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 16:8
12 Referans Kwoze  

Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona.


Inkatho yenzelwa emathangeni, kepha ukwahlulela kwayo kungokukaJehova.


“Yilo leli zwe eniyakulahlukanisa ngenkatho, libe yifa lezizwe zakwa-Israyeli; yilezi izabelo zazo, isho iNkosi uJehova.


Niyakulidla izwe ngenkatho ngokwemindeni yakini, abaningi nibanike ifa elikhulu, nabayingcosana nibanike ifa elincane, nakuphi lapho inkatho imudla khona umuntu, kuzakuba ngelakhe; niyakulidla ifa ngokwezizwe zawoyihlo.


Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise.


Wothabatha izimpongo zombili, azibeke phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.


U-Aroni wonikela ngempongo edliwe yinkatho kaJehova, anikele ngayo ibe ngumnikelo wesono.


Kepha impongo edliwe yinkatho ka-Azazeli iyakubekwa phambi kukaJehova isezwa ukuba kwenziwe ukubuyisana ngayo, ithunywe ku-Azazeli ehlane.


Ovuma ukuba impongo iye ku-Azazeli uyakuhlanza izingubo zakhe, ageze umzimba wakhe ngamanzi, andukuba angene ekamu.*


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite