Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 13:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma isifo ngokubona kwakhe sisemi, ibala lingandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakumvalela ezinye izinsuku eziyisikhombisa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Umphristi uyakumhlola ngosuku lwesikhombisa, uma ebona ukuthi isifo simile asiqhubeki, umphristi uyakumvalela okwesibili ezinye izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Umpristi kumelwe ambheke ngosuku lwesikhombisa, abone ukuthi isifo sinqamukile emehlweni akhe futhi isifo singandanga esikhumbeni; khona-ke umpristi kumelwe amvalele ezinye izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 13:5
4 Referans Kwoze  

Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, lingabonakali lishonile kunesikhumba, noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,


umpristi abuye ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma ibala lifiphele, isifo singandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi uhlambulukile; kulutwayi; uyakuhlanza izingubo zakhe, ahlambuluke.


Indodana yakhe engumpristi esikhundleni sakhe ayizembathe izinsuku eziyisikhombisa, nxa ingena etendeni lokuhlangana ukuyokhonza endaweni engcwele.


“Oyakuhlanjululwa makahlanze izingubo zakhe, aphucule zonke izinwele zakhe, ageze ngamanzi, ahlambuluke; emva kwalokho uyakungena ekamu,* kepha ahlale ngaphandle kwetende lakhe izinsuku eziyisikhombisa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite