Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 13:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, lingabonakali lishonile kunesikhumba, noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

4 Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, futhi libonakala lijulile esikhumbeni, noboya obukulo sebuphenduke baba mhlophe, umphristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yalo, libonakala lingashonile kunesikhumba, noboya balo bungaphendukanga baba mhlophe; khona-ke umpristi kumelwe amvalele onesifo izinsuku eziyisikhombisa.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 13:4
14 Referans Kwoze  

UMiriyamu wavalelwa ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; abantu abahambanga, waze wabuyiswa uMiriyamu.


Izono zabanye abantu zisobala, zibandulela ekwahlulelweni; kepha abanye ziyabalandela.


Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ingakafiki iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihlakeleyo kobumnyama, iveze obala izizindlo zezinhliziyo; lapho-ke yilowo nalowo uyakuthola ukubongwa kuNkulunkulu.


“ ‘Kepha amaLevi adeda kude nami lapho u-Israyeli eduka, eduka elandela izithombe zawo, ayakuthwala ububi bawo,


wobuza, uphenye, ubuzisise; bheka, uma kuyiqiniso, leyo nto iqinisekile ukuthi isinengiso esinjalo senziwe phakathi kwakho,


umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi uyakumbheka, asho athi ungcolile.


umpristi ambheke ngosuku lwesikhombisa; uma isifo ngokubona kwakhe sisemi, ibala lingandanga esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakumvalela ezinye izinsuku eziyisikhombisa,


bheka, kuluchoko oludala esikhumbeni senyama yakhe; khona umpristi uyakusho athi ungcolile, angamvaleli, ngokuba ungcolile.


Uma umpristi ebheka ibala lomuna, libonakala lingashonile kunesikhumba, kungekho zinwele ezimnyama kulo, bheka, khona umpristi uyakumvalela onesifo somuna izinsuku eziyisikhombisa,


umpristi makalibheke; uma uboya obusebaleni elikhanyayo buphendukile baba mhlophe, libonakala lishonile kunesikhumba, bheka, kuluchoko; luqhamukile esibazini; khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuyisifo sochoko.


Kepha uma umpristi elibheka, kungekho boya obumhlophe ebaleni elikhanyayo, lingashonile kunesikhumba, kodwa lifiphele, bheka, khona umpristi uyakumvalela izinsuku eziyisikhombisa,


Umpristi makabheke isifo, akuvalele lokho okunochoko izinsuku eziyisikhombisa,


bheka, khona umpristi wophuma endlini, aye ngasemnyango wendlu, ayivale indlu izinsuku eziyisikhombisa,


UJehova wathi kuMose: “Uma uyise ebemkhafulele ebusweni, ubengebe namahloni izinsuku eziyisikhombisa na? Makavalelwe ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; ngasemva kwalokho uyakubuye angeniswe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite