Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 13:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 umpristi abheke isifo esisesikhumbeni senyama; uma uboya obusebaleni buphendukile baba mhlophe, nanxa ibala libonakala lishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi uyakumbheka, asho athi ungcolile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Umphristi uyosihlola isifo esisesikhumbeni sakhe; uma uboya obusebaleni sebuphenduke baba mhlophe, nesifo sibonakala ukuthi sijulile esikhumbeni sakhe, kuyisifo esinzima, umphristi uyakukubona lokho bese ememezela ukuthi ungcolile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umpristi kumelwe abheke isifo esikhumbeni senyama; uma uboya esibethweni buphendukile baba mhlophe, futhi isifo sibonakala sishonile kunesikhumba senyama yakhe, kuyisifo sochoko; umpristi ambheke, athi ungcolile.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 13:3
29 Referans Kwoze  

ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; amabandla onke ayakwazi ukuthi nginguye ophenya izinso nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika yilowo nalowo wenu ngokwemisebenzi yakhe.


Bakhumbuleni ababenihola bekhuluma izwi likaNkulunkulu kini, niqonda ukuphela kokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa.


abakubona oHimenewu no-Aleksandru engibanikele kuSathane, ukuze balaywe ukuba bangahlambalazi.


Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;”


Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe.


Enibathethelela izono zabo bathethelelwe; nenibabamba ngazo babanjiwe.”


Ngiyakukunika izihluthulelo zombuso wezulu. Oyakukubopha emhlabeni koba kuboshiwe nasezulwini, nalokho oyakukukhulula emhlabeni koba kukhululiwe nasezulwini.”


“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


“Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ake ubabuze abapristi ngomthetho, uthi:


Abafokazi badlile amandla akhe, kepha yena akazi; izimvi zikhahlele kuye, kepha yena akazi.


Bayakufundisa abantu bami ukwahlukanisa okungcwele nokuyichilo, benze umahluko phakathi kokungcolileyo nokuhlambulukileyo.


“ ‘Yeka ubuthakathaka benhliziyo yakho, isho iNkosi uJehova, lokhu wenza zonke lezi zinto, izenzo zowesifazane oyisifebe esingazibambiyo.


“Nxa kumila esikhumbeni senyama yomuntu idunguza noma utwayi noma ibala elikhanyayo, kuvele esikhumbeni senyama yakhe isifo sochoko, makalethwe ku-Aroni umpristi, noma kwenye yamadodana akhe, abapristi,


Niyakwahlukanisa okungcwele nokungengcwele, okungcolileyo nokuhlambulukileyo,


Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi,


Uma ibala elikhanyayo limhlophe esikhumbeni senyama yakhe, lingabonakali lishonile kunesikhumba, noboya balo bungaphendukile baba mhlophe, khona umpristi uyakumvalela onesifo izinsuku eziyisikhombisa,


“ ‘Noma ethinta ukungcola komuntu, nakuba yikuphi ukungcola kwakhe angcole ngakho, kumsithele, lapho esekwazi woba necala.


umpristi abheke; uma utwayi lwandile esikhumbeni, bheka, khona umpristi uyakusho athi ungcolile; kuluchoko.


umpristi abheke; bheka, uma kukhona idunguza elimhlophe esikhumbeni, liphendulile uboya baba mhlophe, nanxa kukhona inyama ebomvu edunguzeni,


umpristi abheke; uma libonakala lishonile kunesikhumba, uboya balo buphendukile baba mhlophe, bheka, makasho athi ungcolile: kuyisifo sochoko, siqhamukile ethumbeni.


Abesebheka ibala; uma ibala lisezindongeni zendlu, linemishwe eluhlazana noma ebomvana, libonakala lishonile kunodonga,


Lowo ungumthetho wesifo sochoko esiyizinhlobonhlobo nowomuna,


nowedunguza nowotwayi nowebala elikhanyayo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite