Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ningadli inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo; zingcolile kini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Aniyukuyidla inyama yazo, futhi aniyukuzithinta izidumbu zazo; zingcolile kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Aniyikudla inyama yazo, ningathinti isidumbu sazo; zingcolile kini.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:8
22 Referans Kwoze  

kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


Ngakho makungabikho muntu onilahla ngokudla nesiphuzo, noma ngemikhosi, noma ukwethwasa kwenyanga, noma amasabatha,


Abayikuhlala ezweni likaJehova; u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.


Mukani, mukani, niphume lapha, ningathinti okungcolileyo, niphume phakathi kwalo, nizihlambulule nina eniphatha izitsha zikaJehova.


noma umuntu ethinta into engcolileyo, noma isidumbu sesilo esingcolileyo, noma isidumbu senkomo engcolileyo, noma isidumbu sesilwanyana esikhasayo esingcolileyo, kumsithele, engcolile nokho, woba necala.


ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule;


Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.


“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho.


Kuhle ukungayidli inyama nokungaliphuzi iwayini noma okunye umzalwane wakho aqhuzuka ngakho.


zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle. Salani kahle.


Wayesethi: “Niyazi ukuthi akuvunyelwe ukuba umuntu ongumJuda ahlangane, ahambelane nowesinye isizwe; kepha uNkulunkulu ungitshengisile ukuba ngingasho nangoyedwa ukuthi unechilo nokuthi ungcolile.


Wayesethi kubo: “Kanti nani ningabangaqondiyo na? Aniqondi yini ukuthi konke okungaphandle okungena kumuntu kungemngcolise na?


Alukho utho olungaphandle komuntu lungene kuye olungamngcolisa; kepha okuphumayo kuye yilokho okumngcolisayo umuntu.


Sebebonile ukuthi abanye babafundi bakhe badla izinkwa ngezandla ezimbi okungukuthi ezingahlanjiwe –


Yilezo zinto ezimngcolisayo umuntu; kodwa ukudla ngezandla ezingahlanjiwe akumngcolisi umuntu.”


Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”


nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, ingetshisi kodwa; ingcolile kini.


“ ‘Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite