Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 zonke ezahlukanisa inselo, nezidabula inselo kabili, nezetshisayo kuzo izilwane, lezo ningazidla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 zonke ezinezinselo ezehlukene, izinselo ezehlukene kabili, nezetshisayo emfuyweni, niyakuzidla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Konke okudabula izinzipho nezinyawo eziqhekezayo, okwetshisayo phakathi kwezilwane, ningazidla.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:3
17 Referans Kwoze  

“Ngakho-ke phumani phakathi kwabo, nahlukane nabo, isho iNkosi; ningathinti okungcolileyo; khona ngiyakunamukela,


Nakekela lezo zinto, ume kuzo, ukuze ukuqhubeka kwakho kuqhame kubo bonke.


Labo-ke babebahle kunabaseThesalonika, balamukela izwi ngenhliziyo yonke, bahlolisisa imibhalo imihla ngemihla ukuba zinjalo yini lezo zinto.


Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.


Ngokuba ukuhlakanipha kuyakungena enhliziyweni yakho, ukwazi kube mnandi emphefumulweni wakho.


“Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:


“ ‘Kepha lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakwezahlukanisa inselo: ikamela, ngokuba liyetshisa, lingahlukanisi kodwa inselo; lingcolile kini;


nembila, ngokuba iyetshisa, ingahlukanisi kodwa inselo; ingcolile kini;


nonogwaja, ngokuba uyetshisa, engahlukanisi kodwa inselo; ungcolile kini;


nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, idabula inselo kabili, ingetshisi kodwa; ingcolile kini.


“ ‘Zonke izilwane ezahlukanisa inselo, zingayidabuli kabili kodwa, zingetshisi, zingcolile kini; bonke abazithintayo bayakuba ngabangcolile.


Ningadla nezilwane ezahlukanisa inselo, ezidabula inselo kabili, ezetshisayo kuzo izilwane.


nengulube, ngokuba iyahlukanisa inselo, ingetshisi kodwa; ingcolile kini; aniyikuyidla inyama yazo, ningathinti izidumbu zazo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite