Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Yishoni kubantwana bakwa-Israyeli, nithi: ‘Yilokhu okuphilayo eningakudla kuzo zonke izilwane zasemhlabeni:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

2 “Khulumani kubantu bakwa-Israyeli, nithi: ‘Phakathi kwazo zonke izilwane eziphilayo emhlabeni, nazi eningazidla:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Lezi ziyizilwane enizazidla phakathi kwezilwane zonke ezisemhlabeni.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:2
22 Referans Kwoze  

kodwa yona kanye nokudla nokuphuza nokugeza okuyizinhlobonhlobo iyizimiso zenyama kuphela ezibekiweyo, kuze kufike isikhathi sokupheleliswa kwezinto.


Akusikho okungena emlonyeni okungcolisa umuntu; kepha okuphuma emlonyeni lokhu kungcolisa umuntu.”


Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.


Ningadukiswa yizifundiso eziyizinhlobonhlobo nezingaziwayo; ngokuba kuhle ukuba inhliziyo iqiniswe ngomusa, kungabi ngokudla, abangasizakalanga ngakho abahamba ngakho.


Kepha uDaniyeli wazimisela enhliziyweni yakhe ukuba angazingcolisi ngesabelo sokudla kwenkosi nangewayini eliphuzayo; wayesecela enduneni yabathenwa ukuba angazingcolisi.


Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”


“ ‘Uma kufa isilwane esidliwayo, othinta isidumbu saso uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.


Konke ukudla okudliwayo okukuzo, afika kukho futhi amanzi anjalo, kuyakuba ngokungcolile, nakho konke okuphuzwayo kuzo izitsha ezinjalo kuyakuba ngokungcolile.


“ ‘Lezi zingcolile kini kuzo izilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni: uchakide, nempuku, noxamu ngezinhlobo zakhe,


Kepha lezi ningazidla kuzo zonke izilwanyana ezinamaphiko, ezihamba ngezinyawo zozine, ezinamanqina ngaphezu kwezinyawo zazo ukuxhuma ngazo emhlabeni;


“ ‘Yilezi eniyakunengwa yizo ezinyonini; aziyikudliwa, ziyisinengiso: ukhozi, nenqe, nengqungqulu,


“ ‘Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.


“ ‘Kepha lezi aniyikuzidla kwezetshisayo nakwezahlukanisa inselo: ikamela, ngokuba liyetshisa, lingahlukanisi kodwa inselo; lingcolile kini;


UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni, wathi kubo:


zonke ezahlukanisa inselo, nezidabula inselo kabili, nezetshisayo kuzo izilwane, lezo ningazidla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite