Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 11:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Kepha zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe eziselwandle nezisemifuleni, nazo zonke eziswebezelayo emanzini, nazo zonke izinto eziphilayo emanzini ziyisinengiso kini.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Kepha zonke ezingenazigwedlo namazenga ezisolwandle nasemifuleni, nazo zonke ezitshuza emanzini, nakho konke okuphila emanzini kungamanyala kini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Futhi zonke ezingenamaphiko nezingcwecwe, olwandle nasemifuleni, kukho konke okunwabuzelayo emanzini, nakuzo zonke izidalwa eziphilayo ezisemanzini, kuyakuba yisinengiso kini.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 11:10
10 Referans Kwoze  

Umuntu owonakeleyo uyisinengiso kwabalungileyo, noqotho endleleni uyisinengiso komubi.


Uma inyama yomhlatshelo weminikelo yakhe yokuthula idliwa ngosuku lwesithathu, ayiyikwamukeleka, ingabalelwa kuye owanikela ngayo; iyakunengeka, nomuntu oyidlayo uyakuthwala ububi bakhe.


Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha, kepha umngane weziwula uyakushoshozelwa yizo.


“Ungadli into enengekayo.


Kepha amagwala, nabangakholwayo, nabanengekayo, nababulali, nezifebe, nabathakathi, nabakhonza izithombe, nabo bonke abaqamba amanga, isabelo sabo siyakuba sechibini elivutha umlilo nesibabule, okungukufa kwesibili.”


UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.”


“ ‘Lezi ningazidla kuzo zonke ezisemanzini: zonke ezinamaphiko nezingcwecwe ezisemanzini neziselwandle nezisemifuleni, lezo ningazidla.


Zoba yisinengiso kini; ningadli inyama yazo; izidumbu zazo ziyakunengeka kini.


zonke ezingenamaphiko nazingcwecwe ningezidle; zingcolile kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite