Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Ningaphumi emnyango wethende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaSimakade aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Aniyikuphuma emnyango wetende lokuhlangana, funa nife; ngoba amafutha okugcoba eNkosi aphezu kwenu. Benza-ke njengezwi likaMose.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:7
12 Referans Kwoze  

futhi angaphumi endlini engcwele, angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.


Kepha osiqinisayo kanye nani kuKristu, nowasigcobayo, nguNkulunkulu,


UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.


Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


lokuthi: UNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamandla, owahamba enza umusa, ephulukisa bonke ababesemandleni kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Kepha wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.”


Wathela amafutha okugcoba ekhanda lika-Aroni, wamgcoba ukuba angcweliswe.


“Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


UJehova wakhuluma ku-Aroni, wathi:


Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite