Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe: “Ningathukululi izinwele zamakhanda enu, ningaklebhuli izambatho zenu ukuba ningafi, ingathukuthelelwa yonke inhlangano, kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabalilele ukushisa akuphembileyo uJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

6 UMose wayesethi ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Ithamari, amadodana akhe: “Ningaziqaqi izinwele emakhanda enu, ningaziklebhuli izembatho zenu ukuze ningafi, bese intukuthelo yehlela yonke inhlangano, kepha abafowenu, indlu yonke yakwa-Israyeli, ingalila ngenxa yokusha akulethileyo uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wayesethi uMose ku-Aroni nakumadodana akhe u-Eleyazare no-Itamari: “Ningambuli amakhanda enu, ningaklebhuli izingubo zenu; ukuze ningafi, futhi ulaka lungehleli phezu kwabantu bonke; kepha abafowenu, yonke indlu yakwa-Israyeli, mabakhale ngomlilo uJehova awubasileyo.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:6
23 Referans Kwoze  

ukuba nibuye namuhla ekumlandeleni uJehova na? Kuzakuthi uma nihlubuka namuhla uJehova, athukuthelele yonke inhlangano ka-Israyeli kusasa.


Kepha abantwana bakwa-Israyeli beqa ngokuqalekisiweyo, lokhu u-Akani kaKarmi kaZabidi kaZera, owesizwe sakwaJuda, ethatha kukho okuqalekisiweyo; intukuthelo kaJehova yabavuthela abantwana bakwa-Israyeli.


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


Kepha amaLevi ayakumisa nxazonke zetabernakele* lobufakazi, ukuze kungabikho lulaka phezu kwenhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, amaLevi agcine izimfanelo zetabernakele lobufakazi.”


Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”


U-Akani indodana kaZera akenzanga yini isiphambeko kukho okuqalekisiweyo, yonke inhlangano yakwa-Israyeli yehlelwa yintukuthelo na? Futhi akafanga yedwa lowo muntu ebubini bakhe.’ ”


“Onochoko esikuye isifo, maziklejulwe izingubo zakhe, zithukululwe izinwele zakhe, amboze amadevu akhe, akhale athi: ‘Ngingcolile! Ngingcolile!’


“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-altare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.


Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.


U-Israyeli wonile, yebo, beqile isivumelwano sami engabayala ngaso, yebo, bathathile nakukho okuqalekisiweyo, futhi bebile, baqambile amanga, bakubeka kweyabo impahla.


owathi ngoyise nangonina: ‘Angibabonanga,’ angabavuma futhi abafowabo, angabazi abantwana bakhe, ngokuba baliqaphele izwi lakho, bagcina isivumelwano sakho.


UJoshuwa indodana kaNuni noKalebi indodana kaJefune ababephakathi kwabahlola izwe baklebhula izingubo zabo,


umpristi ambeke owesifazane phambi kukaJehova, athukulule izinwele zekhanda lowesifazane, afake umnikelo wempuphu wesikhumbuzo ezandleni zakhe, ongumnikelo wempuphu wesikhwele; umpristi abe namanzi ababayo esandleni sakhe aveza isiqalekiso.


UJehova wayesethi kuMose: “Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Ningabantu abantamo ilukhuni; uma ngikhuphuka ngiphakathi kwenu nangokuphazima kweso nje, ngizakuniqeda. Ngalokho khumulani manje izivunulo zenu, ukuze ngazi ukuthi ngiyakwenzani kini.’ ”


U-Aroni wazithathela u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe ngumkakhe; wamzalela oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


Thabatha o-Aroni no-Eleyazare, indodana yakhe, ubakhuphulele entabeni yaseHori,


ka-Abishuwa kaFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi omkhulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite