Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 10:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono; bheka, yayishisiwe; wabathukuthelela o-Eleyazare no-Itamari amadodana ka-Aroni aseleyo, wathi:

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 UMose wafunisisa impongo yomnikelo wesono; bheka, yayishisiwe. Wabathukuthelela o-Eleyazare no-Ithamari, amadodana ka-Aroni ayesele, wathi kuwo:

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 UMose wayifunisisa impongo, bheka, yayishisiwe, wabathukuthelela u-Eleyazare no-Itamari, amadodana ka-Aroni ayesele, wathi:

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 10:16
12 Referans Kwoze  

Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Thathani impongo, ibe ngumnikelo wesono, nethole newundlu, omabili abe nomnyaka munye, angenasici, abe ngumnikelo wokushiswa,


Wayeseletha umnikelo wabantu, wathatha impongo yomnikelo wesono ongowabantu, wayihlaba, wanikela ngayo ngenxa yesono njengowokuqala.


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.


Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


Kepha makungadliwa mnikelo wesono okwangeniswa igazi lawo etendeni lokuhlangana ukuba kwenziwe ukubuyisana endaweni engcwele; woshiswa ngomlilo.


Umpristi onikela ngawo ngesono wowudla, udliwe endaweni engcwele egcekeni letende lokuhlangana.


Akuyikuphekwa ngemvubelo. Ngikunike kube yisabelo sabo seminikelo yami yomlilo; kungcwelengcwele njengomnikelo wesono nanjengomnikelo wecala.


ka-Abishuwa kaFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi omkhulu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite