Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi akushise konke e-altare, kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 ezangaphakathi namanqina ayokugeza ngamanzi, umphristi bese ekushisa konke kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kodwa kumelwe ageze izibilini zakhe namanqina akhe ngamanzi, futhi umpristi kumelwe akushise konke e-altare njengomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo onephunga elimnandi kuJehova.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 1:9
35 Referans Kwoze  

UJehova wezwa iphunga elimnandi; uJehova wathi enhliziyweni yakhe: “Angisayikuphinda ngiqalekise umhlaba ngenxa yabantu, ngokuba imicabango yomuntu mibi kwasebusheni bakhe; angisayikuphinda ngibhubhise konke okuphilayo, njengalokho ngenzile.


ahlanze izibilini zalo namanqina alo ngamanzi, umpristi anikele ngakho konke, akushise e-altare kube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.


ngokuba siyiphunga elimnandi likaKristu kuNkulunkulu kubo abasindiswayo nakubo abalahlwayo,


Ngephunga elimnandi ngiyakunamukela, lapho nginikhipha kubantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona, ngingcweliswe kini emehlweni ezizwe.


Umpristi uyakukushisa e-altare; kungukudla komnikelo womlilo kuJehova.


Woyishisa yonke inqama e-altare; kungumnikelo wokushiswa kuJehova, yiphunga elimnandi, ngumnikelo womlilo kuJehova.


Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Jerusalema, hlanza inhliziyo yakho, kuphume ububi, ukuze usindiswe. Koze kube nini imicabango yakho emibi ihlala phakathi kwakho na?


Ngiyakunikela kuwe iminikelo yokushiswa yezinonileyo kanye nephunga lezinqama; ngiyakunikela ngezinkunzi nangezimpongo. Sela*


Bheka, uthanda iqiniso ngaphakathi enhliziyweni; wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.


Wahlanza izibilini namanqina, wakushisa phezu komnikelo wokushiswa e-altare.


Wahlanza izibilini namanqina ngamanzi; uMose washisa yonke inqama e-altare; yayingumnikelo wokushiswa, waba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.


awuqaqe ngamaphiko awo, angawudabuli kodwa; umpristi awushise e-altare phezu kwezinkuni ezisemlilweni, ube ngumnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova.


Ubuye ukuthabathe ezandleni zabo, ukushise e-altare phezu komnikelo wokushiswa, kube yiphunga elimnandi phambi kukaJehova: kungumnikelo womlilo kuJehova.


“Vuka, nkemba, uvukele umalusi wami, uvukele umuntu ongumngane wami,” usho uJehova Sebawoti. “Shaya umalusi, zize zihlakazeke izimvu, bese ngiphendulela abancane isandla sami.


Ningalidli liseluhlaza, noma liphekwe nokuphekwa ngamanzi, kepha losiwe ngomlilo, ikhanda lalo kanye nemilenze yalo nezibilini zalo.


Onke amanoni awo uyakuwasusa, njengalokhu amanoni esuswa emhlatshelweni weminikelo yokuthula, umpristi awashise e-altare abe yiphunga elimnandi kuJehova, umpristi amenzele ukubuyisana, aze athethelelwe.


nenze umnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa, noma umhlatshelo wokugcwalisa isithembiso, noma umnikelo wesihle, noma owemikhosi yenu emisiweyo, ukwenza iphunga elimnandi kuJehova, owezinkomo noma owezimvu,


“ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici,


unikele ngeminikelo yakho yokushiswa, inyama negazi, e-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, igazi lemihlatshelo yakho lithululwe phezu kwe-altare likaJehova uNkulunkulu wakho, wena uyidle inyama.


awulethe kumadodana ka-Aroni, abapristi, acaphune kuwo ngokhweshe wempuphu ecolekileyo yawo nowamafutha awo, kanye nayo yonke inhlaka yawo, umpristi awushise ube yisikhumbuzo sawo e-altare, umnikelo womlilo, ube yiphunga elimnandi kuJehova;


Umpristi makathabathe okuyisikhumbuzo kuwo umnikelo wempuphu, akushise e-altare kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.


Umpristi ashise okuyisikhumbuzo sawo, inxenye yamabele agquliweyo awo nenxenye yamafutha awo kanye nayo yonke inhlaka yawo; kungumnikelo womlilo kuJehova.


Amadodana ka-Aroni ayakukushisa e-altare phezu komnikelo wokushiswa ophezu kwezinkuni ezisemlilweni, kube ngumnikelo womlilo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.


“ ‘Nanku umthetho weminikelo yempuphu: amadodana ka-Aroni ayakunikela ngawo phambi kukaJehova ngaphambi kwe-altare.


UMose wayesekuthatha ezandleni zabo, wakushisa e-altare emnikelweni wokushiswa; kwakungokokwahlukaniselwa, kwaba yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.


Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini* ngemvu inye; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla.


Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa, unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


ka-Elkana kaJerohamu ka-Eliyeli kaThowa


Wenza imicengezi eyishumi, wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhlambela kuyo; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.


Kwakukhona ikamelo nomnyango walo ngasezinsikeni emasangweni; bahlanza khona umnikelo wokushiswa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite