Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




ULevitikusi 1:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Wolihlaba iduna phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elingasemnyango wetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

5 Iduna liyohlatshwa phambi kukaSimakade; amadodana ka-Aroni angabaphristi alethe igazi, alifafaze nxazonke ze-althare elingasekungeneni kwethende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kumelwe ahlabe inkunzi phambi kukaJehova, amadodana ka-Aroni, abapristi, alethe igazi, afafaze ngegazi nxazonke ze-altare elisemnyango wetende lokuhlangana.

Gade chapit la Kopi




ULevitikusi 1:5
25 Referans Kwoze  

abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi lawo.


Alihlabe ngasohlangothini lwe-altare olungasenyakatho phambi kukaJehova; amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare ngegazi lalo nxazonke.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngasemnyango wetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni, abapristi, afafaze i-altare nxazonke ngegazi.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


nakuJesu, umlamuleli wesivumelwano esisha, nasegazini lokufafaza elikhuluma okukhulu kunelika-Abela.


Balihlaba iphasika, abapristi bafafaza ngezandla zabo, amaLevi alihlinza.


abeke isandla sakhe enhloko yayo, ayihlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi layo.


Woyihlaba inqama, uthabathe igazi layo, ufafaze ngalo i-altare nxazonke.


Abapristi bonke kambe bemi bekhonza imihla ngemihla, benikela kaningi ngayona leyo mihlatshelo engasoze yaba namandla okususa izono;


Ngiyakusondela kuJehova nginantoni, ngikhothame kuNkulunkulu ophezulu, na? Ngiyakufika ngiphethe iminikelo yokushiswa, nginamathole amnyaka munye, na?


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


“Kepha izibulo lenkomo, noma izibulo lemvu, noma izibulo lembuzi, awuyikulihlenga, lingcwele; uyakufafaza i-altare ngegazi lazo, ushise amanoni azo abe ngumnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.


Abesehlaba impongo yomnikelo wesono engenxa yabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngegazi layo njengalokho wenza ngegazi lenkunzi, afafaze ngalo isihlalo somusa nangaphambi kwesihlalo somusa,


Umpristi awulethe e-altare, awushumpule inhloko, awushise e-altare, igazi lawo likhanyelwe ngasohlangothini lwe-altare,


Woyihlaba inkunzi phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe umnikelo wesono endaweni yomnikelo wokushiswa.


Uyakubeka isandla sakhe enhloko yomnikelo wesono, awuhlabe, ube ngumnikelo wesono endaweni lapho behlabela khona umnikelo wokushiswa.


Ngokuba umphefumulo womzimba usegazini; ngimnike lona e-altare ukwenzela imiphefumulo yenu ukubuyisana, lokhu kuyigazi elenza ukubuyisana ngomphefumulo.


Bahlaba inkunzi, bamyisa umntwana ku-Eli.


Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Nazi izimiso ze-altare mhla beyakulenza ukuba bashise umnikelo wokushiswa phezu kwalo, balifafaze ngegazi.


“Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana.


Umpristi abhece igazi ezimpondweni ze-altare lempepho ethaphukayo phambi kukaJehova elisetendeni lokuhlangana; lonke elinye igazi lenkunzi wolithulula ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite