Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngiyakuthengisa ngamadodana enu nangamadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude,” ngokuba uJehova ukhulumile.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

8 Ngiyakuthengisa amadodana namadodakazi enu ngesadla sabantu bakwaJuda, bayakuwathengisa kumaSabhiyani, isizwe esikude.” Impela usekhulumile uSimakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakuthengisa ngamadodana enu namadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude, ngokuba uJehova ukukhulumile.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:8
12 Referans Kwoze  

Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile, nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama ngasematheni ezinyawo zakho, bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.


lapho amaSheba etheleka, azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.”


Intukuthelo kaJehova yavuthela abakwa-Israyeli, wabanikela esandleni sabaphangi ababaphanga, wathengisa ngabo esandleni sezitha zabo nxazonke. Ababe besaba nakuma phambi kwezitha zabo.


“Umsindo wesixuku esihlezi kahle wawulapho; kwangeniswa kanye nabantukazana izidakwa zasehlane; bafaka amasongo ezandleni zabo nemiqhele emihle emakhanda abo.


Ifikelani kimi inhlaka evela eSheba, nomhlanga othaphukayo ovela ezweni elikude, na? Iminikelo yenu yokushiswa ayamukeleki, nemihlatshelo yenu ayimnandi kimi.”


Wathi kuye: “Impela ngiyakuhamba nawe, kodwa indlela oyakuhamba ngayo ayiyikuba ngeyodumo lwakho, ngokuba uJehova uyakumthengisa uSisera esandleni sowesifazane.” Wayesesuka uDebora, wahamba noBaraki, baya eKedeshi.


UJehova wathengisa ngabo esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owabusa eHasori, onduna yempi yakhe yayinguSisera owahlala eHarosheti labezizwe.


Emunye angaxosha kanjani inkulungwane; ababili bangabhengula kanjani izinkulungwane eziyishumi, uma iDwala labo lingathengisanga ngabo, uJehova ebengabakhapheli, na?


Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa, nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana, nabakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.


ISheba, neDedani, nabathengi baseTharishishi kanye nazo zonke izingonyama zakho kuyakusho kuwe, kuthi: “Ufikele ukuphanga na? Ubuthile iviyo lakho ukuba wamuke impahla, ususe isiliva negolide, uthathe imfuyo nempahla, uphange impango enkulu, na?” ’


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite