Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enithengisile kuyo ngabo, ngibuyisele ekhanda lenu isenzo senu.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Niyabona-ke, sengizobabuyisa lapho nibathengisele khona, ngiphindisele kini ngesenzo senu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Bhekani, ngiyakubavusa endaweni enabathengisa kuyo, ngenze ukuba umvuzo wenu uwe phezu kwamakhanda enu.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:7
24 Referans Kwoze  

kepha ukuthi: ‘Kuphila kukaJehova owayikhuphula, wayihola inzalo yendlu ka-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ngangibaxoshele khona.’ Iyakwakha ezweni lakubo.”


uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,


“ ‘Ngalokho bonke abakudlayo bayakudliwa, nabo bonke abamelene nawe bayakuthunjwa bonkana, nabakuphangayo bayakuphangwa, nabo bonke abakwamukayo ngiyakubanikela ukuba bamukwe.


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ usho uJehova, ‘ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.


ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


ngokuba bachitha igazi labangcwele nelabaprofethi, wabanika ukuba baliphuze igazi; bakufanele.”


Uma ekhona oyisa ekuthunjweni, uya naye ekuthunjweni; uma ekhona obulala ngenkemba, umelwe naye ukubulawa ngenkemba. Nakhu ukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.


Ngokuba ngokwahlulela enahlulela ngakho nani niyakwahlulelwa ngakho, nangaleso silinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.


“Niyini kimi, nina Tire neSidoni, nayo yonke imikhawulo yaseFilistiya na? Niyakungibuyisela utho na? Uma ningibuyisela utho ngiyakushesha ngibuyisele masinyane phezu kwekhanda lenu izenzo zenu,


Emva kwezinsuku eziningi uyakubuthwa; ngeminyaka yokugcina uyakungena ezweni elibuyiswe enkembeni, liqoqwe ezizweni eziningi, ezintabeni zakwa-Israyeli ezaziyincithakalo njalo, eselikhishiwe kubantu, bahlale belondekile bonke.


“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.


Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,


Bheka, ngiyakubabuyisa ezweni lasenyakatho, ngibabuthe emikhawulweni yomhlaba, okuphakathi kwabo kuyizimpumputhe nezinyonga, abakhulelweyo nababelethayo kanyekanye, babuyele lapha beyibandla elikhulu.


Bheka, laba bayakuvela kude; bheka, laba bayakuvela enyakatho nasentshonalanga, nalaba ezweni laseSinimi.”


Iyakuphakamisela abezizwe ibhandela,* ibuthe abaxoshiweyo bakwa-Israyeli, iqoqe abahlakazekileyo bakwaJuda emagumbini omane omhlaba.


Base bemphanyeka-ke uHamani emthini ayewulungisele uMoridekayi. Yayisibohla intukuthelo yenkosi.


USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.


Wayesethi u-Adoni Bezeki: “Amakhosi angamashumi ayisikhombisa enqunyiwe izithupha nawoqukula acosha ukudla kwawo phansi kwetafula lami; njengalokho ngenzile, kanjalo uNkulunkulu uphindisele kimi.” Bamyisa eJerusalema, wafela khona.


Yizwi lomsindo elivela emzini, yizwi lasethempelini! Yizwi likaJehova ephindisela izenzo zezitha zakhe.


Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo, ngibeka u-Efrayimi kuwo, ngivusela amadodana akho, Siyoni, kumadodana akho, Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite