Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 3:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 IGibithe liyakuba yincithakalo, u-Edomi abe yihlane lencithakalo ngenxa yendluzula eyenziwe kubantwana bakwaJuda, ngokuba bachithile igazi elingenacala ezweni labo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 IGibhithe liyakuba yincithakalo, i-Edomi libe yihlane elingenalutho, ngenxa yobudlova obenziwa kubantu bakwaJuda, bachitha igazi elingenacala ezweni labo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 IGibithe liyakuba yincithakalo, no-Edomi abe yihlane eliyincithakalo, ngenxa yobudlova phezu kwabantwana bakwaJuda, ngokuba bachitha igazi elingenacala ezweni labo.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 3:19
19 Referans Kwoze  

“Ubudlova engenzelwe bona mina nabayinyama yami mabube phezu kweBabele,” makasho njalo owakhileyo eSiyoni. “Igazi lami malibe phezu kwabakhileyo eKalideya;” malisho njalo iJerusalema.


uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo,


Ngiyakubabuyisa ezweni laseGibithe, ngibabuthe e-Asiriya, ngibangenise ezweni lakwaGileyadi naseLebanoni, abayikutholelwa indawo.


Umbono ka-Obadiya. Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi: Sizwile imibiko evela kuJehova, kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi: “Vukani, simvukele ngokulwa.”


Jabula, uthokoze, ndodakazi yakwa-Edomi, ohlala ezweni lase-Uzi. Indebe iyakudlulela nakuwena; uyakudakwa, uzenze nqunu.


“U-Edomi uyakuba yisimangaliso, kumangale yilowo nalowo odlula kuye, ancimfe ngenxa yezinhlupheko zakhe.


UJehova uyakuqalekisa itheku lolwandle lwaseGibithe, anikine isandla sakhe phezu koMfula* ngokuhwamula komoya wakhe, awushaye ube yiminonjana eyisikhombisa, ukuze kuhanjwe ngezicathulo.


Khumbula, Jehova, usuku lweJerusalema, ngenxa yabantwana bakwa-Edomi abathi: “Dilizani, dilizani, kuze kube sesisekelweni salo.”


Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga, baphange kanyekanye abantu basempumalanga, belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi, abakwa-Amoni babalalele.


Ngokuba indluzula eyenziwe eLebanoni iyakukusibekela, ukuchithwa kwezilwane kukwesabise, ngenxa yezingazi zabantu nendluzula eyenziwe ezweni, nasemzini, nakubo bonke abakhe kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite