Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:32 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Kuyakuthi bonke ababiza igama likaJehova bakhululwe, ngokuba entabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyakuba ngabasindileyo, njengalokho eshilo uJehova, naphakathi kwabaseleyo kube ngababizwa nguJehova.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

32 Kepha kuyakuthi bonke ababiza igama likaSimakade baphunyuke, ngokuba entabeni iZiyoni naseJerusalema kuyakuba khona abasindileyo njengoba eshilo uSimakade, labo abayakubizwa nguSimakade.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Bonke ababiza igama likaJehova bayakusindiswa; ngoba eNtabeni yaseSiyoni naseJerusalema kuyoba khona insindiso, njengoba nje uJehova ekhulumile, nakwabaseleyo bayobizwa uJehova.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:32
32 Referans Kwoze  

kanjalo u-Israyeli wonke uyakusindiswa, njengalokho kulotshiwe ukuthi: “Kuyakuvela eSiyoni uMhlangulisi, asuse ukungalungi kuJakobe.


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Hlabelelani kuJakobe ngokujabula, nimemezele inhloko yezizwe, nizwakalise, nidumise nithi: ‘Jehova, sindisa abantu bakho, insali yakwa-Israyeli.’


Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude, insindiso yami ayiyikulibala; ngibeka insindiso eSiyoni nodumo lwami kwa-Israyeli.


U-Isaya umemeza ngo-Israyeli, uthi: “Nokuba umumo wabantwana bakwa-Israyeli ungangesihlabathi solwandle, yinsali eyakusindiswa,


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo, ibe ngcwele, nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.


Kuyakuthi ngalolo suku iNkosi ibuye yelule isandla sayo ngokwesibili ukuzuza insali yabantu bayo eyakusala e-Asiriya, naseGibithe, nasePhatirosi, naseKushe, nase-Elamu, naseShineyari, naseHamati, naseziqhingini zolwandle.


ngibize ngosuku lwenhlupheko; ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


kulo ibandla likaNkulunkulu eliseKorinte, kubo abangcwelisiwe kuKristu Jesu, ababiziweyo abangcwele, kanye nabo bonke abakhuleka egameni leNkosi yethu uJesu Kristu ezindaweni zonke, eyabo neyethu:


Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


Ngiyakungenisa inxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide; bayakubiza igama lami, ngibaphendule, ngithi: ‘Bangabantu bami;’ base bethi: ‘UJehova unguNkulunkulu wami.’ ”


Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye.


Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.


Ngalokho bayakukhashelwa, bese yibuyela insali yabafowabo kubantwana bakwa-Israyeli.


Kuyakuba khona umgwaqo wensali yabantu bakhe, eyakusala e-Asiriya, njengalokho kwakunjalo ku-Israyeli ngosuku lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.


Ngokuba noma abantu bakho, Israyeli, bengangesihlabathi solwandle, kuyakubuya phakathi kwabo insali nje; ukuchithwa kunqunyiwe, okuchichima ukulunga.


Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli.


kodwa nize entabeni yaseSiyoni nasemzini kaNkulunkulu ophilayo, iJerusalema lasezulwini, nasezigidigidini zezingelosi,


Kunjani, pho? Lokho u-Israyeli akufunayo akakufumananga, kepha abakhethiweyo bakufumana, abanye benziwa baba lukhuni,


thina asibizayo nathi, kungesikho kubaJuda kuphela kodwa nakwabezizwe?


ukuze abaseleyo babantu kanye nabezizwe bonke bayifune iNkosi, elibizwe phezu kwabo igama lami,’ isho iNkosi ekwenza lokhu,


Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu, umbuso besewuba ngokaJehova.


Kanjalo kukhona nangalesi sikhathi samanje insali ngokokukhetha komusa;


Naye uSeti wazala indodana, wayiqamba igama layo ngokuthi u-Enoshe. Ngaleso sikhathi abantu baqala ukukhuleka egameni likaJehova.


“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo; ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba, ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite