Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Phambi kwabo kuyadla umlilo, nasemva kwabo kushisa ilangabi; izwe liphambi kwabo njengensimu yase-Edene, nangasemva kwabo kuyihlane lencithakalo, akukho okubabalekelayo.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

3 Phambi kwabo kuqothula umlilo, emva kwabo kuvutha ilangabi; izwe eliphambi kwabo linjengensimu e-Edeni, kodwa emva kwabo liyihlane elingenalutho, akukho okuphunyukayo kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Umlilo udla phambi kwabo; futhi emva kwabo ilangabi liyavutha; izwe linjengensimu yase-Edene phambi kwabo, futhi emva kwabo ugwadule lwasendle; yebo, futhi akukho lutho oluyophunyuka kubo.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:3
21 Referans Kwoze  

Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.


UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo.


Ngiyakubahlakazela phakathi kwezizwe zonke abangazazanga. Izwe selichithekile emva kwabo, ukuze kungabikho muntu odlulayo nobuyayo, ngokuba benza izwe elihle laba yincithakalo.’ ”


Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe. Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.


Siyakusibekela ubuso bomhlaba, ukuze kungabe kusabonwa mhlabathi; siyakudla okuseleyo okusindile, enikushiyelwe yisichotho, sidle yonke imithi enimilelayo endle.


Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova.


Bayakudla okuvuniweyo kwakho nesinkwa sakho, badle amadodana akho namadodakazi akho, badle izimvu zakho nezinkomo zakho, badle imivini yakho nemikhiwane yakho, bachithe ngenkemba imizi yakho ebiyelweyo othemba kuyo.


UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula; umlilo udla phambi kwakhe; uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.


ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari.


Umlilo uyahamba phambi kwakhe, udla izitha zakhe nxazonke.


Ngokuba ububi bushisa njengomlilo, buqeda amakhakhasi nameva, buthungela ezihlahleni zamahlathi, zize zifuquke insika yomusi.


Ngentukuthelo kaJehova Sebawoti izwe lishisiwe; abantu bangukudla komlilo, akakho osindisa umfowabo.


owenza izwe laba yihlane, wayichitha imizi yalo, akavumela iziboshwa zakhe ukuba zigoduke, na?’


Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo, notshani buyoma, uhlaza luyaphela, akusekho okuluhlaza.


Bayakuthi: “Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase-Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.”


Impango iyakubuthwa njengokubutha kwecimbi, nanjengokuhlasela kwezinkumbi iyakuhlaselwa.


Ngokuba bhekani, ngiyavusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo, esidabula ebubanzini bomhlaba ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite