Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:23 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Jabulani, bantwana baseSiyoni, nithokoze kuJehova uNkulunkulu wenu, ngokuba uninika imvula yokuqala ngokulunga, unehlisela imvula, eyokuqala neyamuva, njengasekuqaleni.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

23 Jabulani, bantu baseZiyoni, nithokoze kuSimakade uNkulunkulu wenu, ngokuba unipha imvula yokuqala ngokulunga, uninisele imvula yokuqala neyakamuva ngenyanga yokuqala.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Ngakho-ke thokozani, bantwana baseSiyoni, nijabule kuJehova uNkulunkulu wenu, ngoba umisile izimvula zokuqala, futhi uyonehlisela imvula, imvula yokuqala nemvula yamuva ngenyanga yokuqala.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:23
42 Referans Kwoze  

Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani!


ngiyakuninika imvula ngesikhathi sayo, izwe lithele ukudla kwalo, imithi yasendle ithele izithelo zayo.


Masimazi, sijonge ukumazi uJehova; ukuphuma kwakhe kuqinisekile njengokusa; uyakufika kithi njengemvula, njengemvula yamuva enethisa umhlaba.


ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.


Uyakuwahlakaza, umoya uwasuse, isivunguvungu siwachithe; wena uyakuthokoza ngoJehova, uzibonge ngoNgcwele ka-Israyeli.


U-Israyeli makathokoze ngowamEnzayo, abantwana baseSiyoni bethabele iNkosi yabo.


Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.


Celani kuJehova imvula ngesikhathi semvula yamuva, uJehova owenza imibani, abesebanika izihlambi zemvula, yilowo nalowo aphiwe utshani ezweni lakhe.


UJehova ungamandla ami nesihlangu sami; inhliziyo yami ithembe kuye, ngasizwa; ngakho-ke inhliziyo yami iyethaba; ngizakumdumisa ngesihlabelelo sami.


Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi.


Imfundiso yami iyakuconsa njengemvula, inkulumo yami ichiche njengamazolo, njengomkhizo ohlazeni, nanjengezihlambi etshanini,


“UJehova uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula yezwe lakho ngesikhathi sayo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho; uyakutsheleka izizwe eziningi, kepha ungatsheleki lutho kuzo.


Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni,


U-Efrayimi uyakuba njengeqhawe; inhliziyo yabo iyakuthokoza njengangewayini; abantwana babo bayakukubona, bathokoze; inhliziyo yabo iyakujabula kuJehova.


Futhi abasho ezinhliziyweni zabo ukuthi: ‘Ake sesabe uJehova uNkulunkulu wethu onika imvula eyokuqala neyamuva ngesikhathi sayo, asigcinele amasonto anqunyiweyo akuvuna.’


Ukuzindla kwami makube mnandi kuye; mina mangithokoze kuJehova.


Ngalokho izihlambi zinqandiwe, nemvula yamuva ayibangakho. Nokho wawunebunzi lesifebe, wala ukuba namahloni.


Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova, umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami, ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso, wangisibekela ngesambatho sokulunga, njengomyeni efaka iqhele ngokompristi, nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.


nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo.


Ekukhanyeni kobuso benkosi kukhona ukuphila, nesisa sayo sinjengefu lemvula yamuva.


Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo, nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.


“Uma kukhona ingelosi kuye, nehumusha noma yiliphi enkulungwaneni lokuba litshele umuntu okumlungeleyo,


Thokoza kakhulu, ndodakazi yaseSiyoni; jabula nokujabula, ndodakazi yaseJerusalema; bheka, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inensindiso, ithobekile, ikhwele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


“Futhi ngagodla kini imvula, kusasele izinyanga ezintathu ukuba kuvunwe, ngalinisa phezu komunye umuzi, komunye umuzi angilinisanga; esinye isiqephu saniselwa, nesiqephu esinganiselwanga sasha.


Amadodana anqabileyo aseSiyoni, elingene negolide elihle, yeka ukuthiwa kwawo ayizitsha zebumba, imisebenzi yezandla zombumbi!


Ngokuba ngizigobela uJuda njengomnsalo, ngibeka u-Efrayimi kuwo, ngivusela amadodana akho, Siyoni, kumadodana akho, Javani, ngikwenze inkemba yeqhawe.


Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.”


Bedabula imfunda yezinyembezi bayenza ibe yindawo yeziphethu; yebo, nemvula yokuqala iyayisibekela ngezibusiso.


mawuzwe wena ezulwini, uthethelele isono sezinceku zakho nesabantu bakho u-Israyeli, lapho ubafundisa indlela enhle abayakuhamba ngayo, uthume imvula ezweni lakho obanike abantu bakho libe yifa labo.


awafikise abe luswazi, afike ngenxa yomhlaba noma ngenxa yomusa.


osibekela izulu ngamafu, olungisela umhlaba imvula, ohlumisa utshani ezintabeni.


Ngiyakuzenza zona nezindawo ezizungeza intaba yami zibe yisibusiso, ngehlise imvula ngesikhathi sayo, ibe yizihlambi zesibusiso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite