Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Ningesabi, zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asehlane ayahluma, nemithi ithela izithelo, umkhiwane nomvini kuveza amandla akho.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

22 Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Ningesabi nina zilwane zasendle, ngokuba amadlelo asogwadule ahluma, ngokuba umuthi uthela izithelo zawo, umkhiwane nomvini kuyabanika amandla.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:22
25 Referans Kwoze  

“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Amadlelo asehlane ayaconsa; amagquma abhinca injabulo.


Ngokuba uJehova uyakuliduduza iSiyoni, aziduduze zonke izindawo zalo ezichithekileyo, enze ihlane lalo libe njenge-Edene, noqwathule lwalo lube njengensimu kaJehova; injabulo nentokozo kuyakufunyanwa khona, ukubonga nezwi lokuhlabelela.


Umhlaba uthelile izithelo zawo; uNkulunkulu, uNkulunkulu wethu, uyasibusisa.


Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo.


kusukela kulezo, lapho kwayiwa enqwabeni yezilinganiso ezingamashumi amabili, kwakuyishumi nje, nalapho kwayiwa ezikhamweni zewayini ukukha izitsha ezingamashumi ayisihlanu, kwakungamashumi amabili nje.


mina-ke bengingayikulihawukela iNineve, umuzi omkhulu, okukuwo abantu abangaphezu kwezinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili abangakwazi ukwahlukanisa isandla sokunene nesokhohlo, kanye nezinkomo eziningi, na?”


Bayakuthi: “Leli zwe ekade laliyize selinjengensimu yase-Edene, nemizi echithekileyo neyayiyincithakalo nediliziweyo isibiyelwe, iyahlalwa.”


Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi, ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe.


“ ‘Kepha nina zintaba zakwa-Israyeli niyakuveza amagatsha enu, nithelele abantu bami izithelo zenu, ngokuba sebeseduze ukubuya.


Ukulunga kwakho kunjengezintaba ezinkulukazi, ukwahlulela kwakho kulutwa olukhulu; usindisa abantu nezilwane, Jehova.


Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Amadlelo embethe izimvu, nezigodi zisibekelwe ngamabele; konke kuyajabula, kuhlabelele.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite