Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

19 USimakade waphendula wathi kubantu bakhe: “Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, niyakusutha ngakho, ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Yebo, uJehova uyakuphendula athi kubantu bakhe: “Bhekani, nginithumelela ukolweni newayini namafutha, nisuthe ngakho; angisayikunenza nibe yihlazo phakathi kwezizwe.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:19
21 Referans Kwoze  

Ngiyakuzivusela insimu edumileyo; azisayikususwa yindlala ezweni, zingasalithwali ihlazo labezizwe.


Angisayikukuzwisa ihlazo labezizwe, ungasathwali amahloni abantu, ungasakhubekisi isizwe sakini, isho iNkosi uJehova.’ ”


Kodwa funani kuqala umbuso kaNkulunkulu nokulunga kwakhe, khona konke lokhu kuyakwenezelwa nina.


Izibuya ziyakugcwala amabele, nezikhongozelo ziyakuchichima iwayini namafutha.


Bayakufika, bahlabelele ngokujabula ekuphakameni kwaseSiyoni, bagobhozele kukho okuhle kukaJehova, yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo, umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.


Amasimu achithekile, umhlabathi uyalila, ngokuba amabele achithiwe; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.


Lapho ngiyakumnika izivini zakhe, nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba; uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhe nasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.


angisayikusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.”


Ukubhula kwenu kuyakufinyelela ekuvunweni kwemivini, ukuvunwa kwemivini kuyakufinyelela esikhathini sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, nihlale ezweni lakini nilondekile.


“Kuyakuthi ngalolo suku ngiphendule,” usho uJehova, “ngiphendule amazulu, wona aphendule umhlaba.


Umhlaba uyakuphendula amabele, newayini elisha, namafutha, khona kuphendule uJizreyeli.


ngiyakuninika imvula yezwe lakini ngesikhathi sayo, imvula yokuqala nemvula yamuva, ukuba ubuthe amabele akho, newayini lakho, namafutha akho.


Wayesesuka nawomalokazana bakhe ukuba abuye ezweni lakwaMowabi, ngokuba wayezwile ezweni lakwaMowabi ukuthi uJehova uhambele abantu bakhe ukuba abaphe ukudla.


Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, ngingabeki indlala phezu kwenu.


Ngiyakwandisa izithelo zomuthi nokudla komhlabathi, ningabe nisamukeliswa ihlazo lendlala phakathi kwezizwe.


“Ngokuba kuyakuba khona imbewu yokuthula; umvini uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uveze ukudla kwawo, amazulu anike amazolo awo, ngenze ukuba insali yalaba bantu idle ifa lazo zonke lezi zinto.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite