Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UJehova wayesehawukela izwe lakhe, wabahawukela abantu bakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

18 USimakade walihawukela izwe lakhe, waba nesihe kubantu bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Khona-ke uJehova uyakuba nomhawu ngezwe lakhe, abe nesihe kubantu bakhe.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:18
19 Referans Kwoze  

Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ngihawukela iJerusalema ngokuhawukela okukhulu, yebo, ngilihawukela ngokufutheka okukhulu.”


Yayisithi kimi ingelosi eyayikhuluma nami: “Memeza uthi: Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngihawukela iJerusalema neSiyoni ngokuhawukela okukhulu.


Njengoyise ehawukela abantwana bakhe, kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.


Bhekani, babusisiwe abakhuthazelayo; nizwile ngokukhuthazela kukaJobe, nibonile impetho yeNkosi ukuthi iNkosi inesihe esikhulu nesihawu.


ngumusa kaJehova ukuthi asiqediwe, ngokuba ububele bakhe abupheli.


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye, ingelosi yobuso bakhe yabasindisa; ngothando lwakhe nangokuhawukela kwakhe wabahlenga, wabanqukula, wabathwala zonke izinsuku zakuqala.


Yayisisuka, yafika kuyise; kepha kuthe isekude, uyise wayibona, waba nesihe, wagijima, wayisingatha entanyeni, wayanga.


U-Efrayimi uyindodana yami yini eyigugu kimi, ungumntwana othandekayo na? Ngokuba njalo lapho ngikhuluma okubi ngaye, ngisamkhumbula nokumkhumbula; ngalokho izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” usho uJehova.


“Abezizwe bayakuzakha izingange zakho, amakhosi abo akukhonze; noma ngakushaya ngentukuthelo yami, sengiyakuhawukela ngomusa wami.


UJehova uyaphuma njengeqhawe; njengendoda yempi uyavusa ukushisekela kwakhe; uyakhala, yebo, uyabangalasa, enze ubuqhawe phezu kwezitha zakhe.


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Base besusa onkulunkulu babezizwe phakathi kwabo, bamkhonza uJehova; umphefumulo wakhe wakhathazeka ngokuhlupheka kwabakwa-Israyeli.


Yenanelani abantu bakhe nina zizwe, ngokuba uyakuphindisela igazi lezinceku zakhe, abuyisele impindiselo kwabamelene naye, enzele izwi lakhe nabantu bakhe ukubuyisana.”


“Ngokuba uJehova uyakubahlulela abantu bakhe, azihawukele izinceku zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, kungekho omunye ovalelweyo noma okhululekileyo.


Bamvusela umhawu ngawonkulunkulu babezizwe, bamthukuthelisa ngezinengiso.


Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.


Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda; ukushisekela kukaJehova kuyakufeza lokho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite