Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 2:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 buthani abantu, ningcwelise ibandla, niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe, nomakoti emgonqweni wakhe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

16 Qoqani abantu, ningcwelise umhlangano, niqoqe amalunga, izingane nezinsana ezisancela. Umyeni makaphume ekamelweni lakhe nomlobokazi emgonqweni wakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Buthani abantu, ningcwelise ibandla, amalunga aqoqe, abuthe abantwana nabamunya amabele; akaphume umyeni ekamelweni lakhe, nomakoti aphume engutsheni yakhe.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 2:16
21 Referans Kwoze  

wathi kubo: “Ngizweni nina maLevi; zingcweliseni, niyingcwelise nendlu kaJehova uNkulunkulu wawoyise, nikhiphe ukungcola endaweni engcwele.


Wonke uJuda wayemi phambi kukaJehova, nezingane zabo, nawomkabo, namadodana abo.


Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu.


Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.


Wathi: “Yebo, kunokuthula; ngize ukuhlabela uJehova; zingcweliseni, nize nami ekuhlabeni.” Wabangcwelisa uJese namadodana akhe, wababiza ukuba beze ekuhlabeni.


Nabapristi abasondela kuJehova mabazingcwelise, funa uJehova abadumele.”


UJehova wayesethi kuMose: “Hamba uye kubantu, ubangcwelise namuhla nakusasa, bahlanze izingubo zabo,


UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila.


Lona linjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe; lijabulisa okweqhawe ukugijima endleleni yalo.


Kwathi lapho seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathuma wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo onke; ngokuba uJobe wathi: “Mhlawumbe amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo.” Wenze njalo uJobe imihla yonke.


Lihlabeni iphasika, nizingcwelise, nilungisele abafowenu ukuba benze njengezwi likaJehova ngesandla sikaMose.”


bonke ababebhekisa izinhliziyo zabo ukufuna uNkulunkulu, uJehova uNkulunkulu wawoyise, noma kungenjengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.”


Ngokuba babe baningi ebandleni ababengazingcwelisanga; amaLevi ayephezu kokuhlatshwa kwamaphasika abo bonke ababengahlambulukile ukuba abangcwelisele uJehova.


“Suka ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ingomuso, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awunakuma phambi kwezitha zakho, ningakakususi okuqalekisiweyo phakathi kwenu.


Wayesethi kubantu: “Anoba senilungile ngosuku lwesithathu; ningasondeli kowesifazane.”


bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na?” UJesu wathi kubo: “Yebo, anizange nifunde yini ukuthi: ‘Emlonyeni wezingane nowabancelayo uzilungisele indumiso,’ na?”


Akwabakho zwi kukho konke akuyalayo uMose, angalifundanga uJoshuwa phambi kwebandla lonke lakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababehamba phakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite