Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 1:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa inqamukile endlini kaJehova; abapristi, izikhonzi zikaJehova, bayalila.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

9 Iminikelo yokusanhlamvu nokuphuzwayo ayisalethwa endlini kaSimakade; abaphristi, izinceku zikaSimakade bayalila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Umnikelo womlilo nomnikelo wokuphuzwayo kunqunyiwe endlini kaJehova; abapristi, izinceku zikaJehova, bayalila.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 1:9
10 Referans Kwoze  

Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


Ngubani owaziyo uma engayikubuya, ahawukele, ashiye isibusiso emva kwakhe, kube ngumnikelo wempuphu nomnikelo wokuphuzwa kuJehova uNkulunkulu wenu, na?


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Abayikuthululela uJehova iwayini; imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye, isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo; bonke abasidlayo bayakungcola, ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango, singangeni endlini kaJehova.


Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova, niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu; niyakudla imfuyo yezizwe, nizibonge ngodumo lwazo.


Akunqunywanga ukudla kwethu phambi kwamehlo ethu, intokozo nenjabulo endlini kaNkulunkulu wethu, na?


“Ngiyakhala ngalokhu; iso lami, iso lami liyamululeka izinyembezi, ngokuba umduduzi wami obeyakubuyisa umphefumulo wami ukude nami. Abantwana bami bachithekile, ngokuba isitha sahlulile.”


Izindlela zaseSiyoni ziyalila ngokuba kungeziwa emikhosini emisiweyo; onke amasango achithekile, abapristi balo bayabubula; izintombi zalo ziyahlupheka, nalo linomunyu.


“Kepha thina, uJehova unguNkulunkulu wethu; asimshiyanga; sinabapristi abamkhonzayo uJehova, amadodana ka-Aroni namaLevi emisebenzini yabo;


“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite