Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 1:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Sichithile umvini wami, saxebula umkhiwane wami; siwuxhozile nokuwuxhoza, sawulahla, amagatsha awo sawenza aba mhlophe.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

7 Sicekele phansi umvini wami, nomkhiwane wami sawuphundla kwasala isiphunzi. Saxebula amagxolo awo sawalahla, amagatsha awo aba mhlophe qwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Yawuchitha umvini wami, yawukhonkotha umkhiwane wami; Wayihlubula, wayilahla; amagatsha awo enziwe aba mhlophe.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 1:7
12 Referans Kwoze  

“Nganishaya ngokuhamuka nesikhutha; izivande zenu, nezivini zenu, nemikhiwane yenu, neminqumo yenu eminingi kwadliwa yisibotho, kepha nokho anibuyelanga kimi,” usho uJehova.


Ngiyakusenza sibe yincithakalo; asiyikuthenwa, asiyikulinywa, kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva; futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”


Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati,* namasundu, nemi-apula,* nemithi yonke yasendle kubunile, ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakhe ashilo ngakho, wathi: ‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’ ngiyakukwenza kube yihlathi, izilwane zasendle zikudle.


“ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova, ‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini, namakhiwane emkhiwaneni; namaqabunga abunile; engibanikile khona kusukile kubo.’ ”


Iwayini elisha liyalila, umvini uyahhuma, bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.


Washaya nemivini yabo nemikhiwane yabo; waphula imithi yasezweni labo.


Ngokuba sasibekela ubuso bonke bomhlaba, laze laba mnyama izwe. Sadla imifino yonke nezithelo zonke zemithi ezishiywe yisichotho; akwasala lutho oluluhlaza emithini nasemifinweni yasendle ezweni lonke laseGibithe.


Isikhonyane senyukela ezweni lonke laseGibithe, sahlala ezweni lonke laseGibithe, sasinzima kakhulu; ngaphambi kwaso kwakungazange kube khona isikhonyane esingangaso, nangasemva kwaso asisayikuba khona esingangaso.


Zishayeni esifubeni ngenxa yamasimu amahle nemivini ethelayo.


Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite