Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 1:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Yebo, nezilwane zasendle ziyakulangazelela, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo udlile amadlelo asehlane.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

20 Ngisho nezilwane zasendle zilangazelela Wena, ngokuba imifula yamanzi ishile, nomlilo uqothule amadlelo asendle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Nezilwane zasendle ziyakhala kuwe, ngokuba imifula yamanzi yomile, nomlilo udlile amadlelo asogwadule.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 1:20
9 Referans Kwoze  

Izingonyama ezintsha zibhongela impango, zifuna ukudla kwazo kuNkulunkulu.


Kwathi ekupheleni kwezinsuku umfudlana washa, ngokuba yayingekho imvula ezweni.


Unika izinkomo ukudla kwazo, namazinyane egwababa akhalayo.


Amehlo abo bonke alinda wena; uyabanika ukudla ngesikhathi esiyiso.


Ngubani olungisela igwababa ukudla kwalo, lapho amaphuphu alo ekhala kuNkulunkulu, ezulazula ngokuswela ukudla, na?


U-Ahabi wathi ku-Obadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singafumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi,* izilwane zingabhubhi.”


Ngenxa yomhlabathi odabukileyo, ngokuba akubangakho mvula ezweni, abalimi banamahloni, bamboza amakhanda abo.


Abaprofethi ababengaphambi kwami nangaphambi kwakho kusukela endulo baprofetha ngamazwe amaningi nangemibuso eminingi, ngezimpi, nangokubi, nangesifo.


Yeka, ukububula kwezilwane! Imihlambi yezinkomo ikhungathekile, ngokuba ayinadlelo, yebo, nemihlambi yezimvu izithwese icala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite