Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 1:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Hawu lolo suku! Ngokuba usuku lukaJehova lusondele, lufika njengokuchitha kuvela kuSomandla.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

15 Maye ngalolo lusuku! Ngokuba usuku lukaSimakade lusondele. Luyakufika luyimbubhiso evela kuSomandla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Maye ngalolo suku! ngoba usuku lukaJehova luseduze, luzafika njengokuchitha okuvela kuSomandla.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 1:15
18 Referans Kwoze  

Maye, lukhulu lolo suku, alukho olunjengalo! Kuyisikhathi sokuhlupheka kukaJakobe, kepha uyakusindiswa kukho.


Ilanga liyakuphenduka ubumnyama, inyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku olukhulu nolwesabekayo lukaJehova.


UJehova uzwakalisa izwi lakhe phambi kwempi yakhe, ngokuba ibandla lakhe likhulu kakhulu, nowenza izwi lakhe unamandla; yebo, usuku lukaJehova lukhulu, luyesabeka kakhulu; ngubani ongaluthwala na?


ngokuba usuku olukhulu lolaka lwabo selufikile; ngubani-ke onamandla okuma na?”


Ningavungamelani, bazalwane, ukuba ningahlulelwa; bhekani, umahluleli umi ngaseminyango.


INkosi iyakumhleka, ngokuba iyabona ukuthi usuku lwakhe luyeza.


Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti, usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye. Inkemba iyakudla isuthe, izanelise ngegazi labo, ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomhlatshelo ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.


Ngokuba usuku luseduze, usuku lukaJehova luseduze; luyakuba lusuku lwamafu nesikhathi sabezizwe.


Yizixuku ngezixuku esigodini sokwahlulela, ngokuba usuku lukaJehova lusondele esigodini sokwahlulela.


“Ngokuba usuku lukaJehova lusondele ezizweni zonke; njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe; izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.


Thula phambi kobuso beNkosi uJehova, ngokuba usuku lukaJehova luseduze; uJehova ulungisile umhlatshelo, ungcwelisile abamenyiweyo bakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite