Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




UJoweli 1:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Amasimu achithekile, umhlabathi uyalila, ngokuba amabele achithiwe; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.

Gade chapit la Kopi

IsiZulu 2020

10 Amasimu onakele, umhlabathi womile, ngoba okusanhlamvu kushaziwe; iwayini elisha lihwamukile, namafutha amasha ashabalele.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Insimu ichithiwe, izwe liyalila; ngoba ukolweni uyachithwa, amakhoba abunile, amafutha ayachithwa.

Gade chapit la Kopi




UJoweli 1:10
19 Referans Kwoze  

Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza, iwayini elisha liyakumkhohlisa.


Basenze incithakalo; siyincithakalo, sikhala kimi; izwe lonke lichithiwe, kepha akakho okubeka enhliziyweni.


Phaphamani, zidakwa, nikhale, nihhewule nonke eniphuza iwayini ukuthi iwayini linqanyulelwe emlonyeni wenu.


Ngase ngibiza ukoma phezu kwezwe, naphezu kwezintaba, naphezu kwamabele, naphezu kwewayini elisha, naphezu kwamafutha, naphezu kokuvezwa ngumhlaba, naphezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwayo yonke imisebenzi yezandla.”


Umvini ubunile, imikhiwane iwumile; imipomegranati,* namasundu, nemi-apula,* nemithi yonke yasendle kubunile, ngokuba intokozo ibunile phakathi kwamadodana abantu.


Ukuthokoza nokujabula kususiwe ensimini nasezweni lakwaMowabi; ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni; akusayikunyathelwa ngokujabula, ukumemeza akuseyikho ukumemeza.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


Kukhalwa ngewayini ezitaladini; yonke intokozo inyamalele; injabulo yezwe idlulile.


Amandla enu ayakuchithwa ngeze, ngokuba izwe lakini aliyikuthela ukudla kwalo, nemithi yezwe ayiyikuthela izithelo zayo.


Uma ulima umhlabathi, awusayikukunika isithelo sawo; wena uyakuba ngumhambuma nozulane emhlabeni.”


Ngokuba amanzi aseNimrimi ayincithakalo, notshani buyoma, uhlaza luyaphela, akusekho okuluhlaza.


Iwayini elisha liyalila, umvini uyahhuma, bonke ababethokoza ngenhliziyo bayabubula.


UJehova waphendula, wathi kubantu bakhe: “Bhekani, ngiyakunithumela amabele, newayini, namafutha, nisuthe ngakho, ngingabe ngisanenza inhlamba phakathi kwabezizwe.


Noma umkhiwane ungakhahleli, kungabikho izithelo emvinini, umsebenzi womnqumo uphuthe, amasimu angavezi ukudla, izimvu zinqunywe esibayeni, kungabikho nkomo ezibayeni,


“Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite